Jump to content

Salah

Kubuya ku Wikipedia
Izinhlobo zokuma ezahlukene zenkonzo yamaSulumane

iSalah (ngesi-Arabhu: ٱلصَّلَاةُ, ngezihlamvu zesiLathini: aṣ-Ṣalāh) iwusiko olusemthethweni lokudumisa ngokobuSulumane oqukatha imikhuleleko emisiwe enziwa ezinkathini ezihleliwe ngosuku. Lemikhuleko iqukatha izinxenye ezibizwa rak'ah. Zibandakanya ukuma ngomzimba okuthile, ukufunda noma ukusho amavesi weQuran, imikhuleko yeSunnah, nokuqonda iKaaba eMekha. Inani lamarak'ah iyashintsha ngokomkhuleko othile. Kunemehluko ngaphakathi kwezikole ezahlukene zemfundiso yokuqhutshwa komthetho yobuSulumane ezibizwa amamadhahib mayelana ukuqhutshwa kwesalah. Ibizoqho likasalah lingachaza ukudumisa jikelele noma imikhuleleko emisiwe eyenziwa ngamaSulumane kanhlanu ngosuku.

iSalah iyinye yezinsika ezinhlanu zobuSulumane ngasemuva kwensika yeShahadah kumaSunni, yeziSingathela zeNkolo kumaShia, kanye nezinsika eziyisikhombisa zama-Ismaili. Kufanele umuntu azihlamba ngokwewudu ngaphambi kokuthi enze isalah.Imikhuleko ingenziwa umuntu eyedwa noma nebandla. Imikhuleko ekhethekile njengeyangoLwesihlanu nezemikhosi ka-Eid, zifanelwe ukwenzwa nabanye abantu kanye neshumayelo ebizwa ikhutbah. AmaSulumane angakwazi ukwenza isalah ngenxa yenkinga okomzimba kanye nokuba onkanjweni avumelekile ukuhlehlisa noma ukuguqula uhlaka lokwenza imikhuleko.

Ngenkathi yasekuqaleni yobuSulumane, isiqondiso somkhuleko (qibla) sasiseYerusalema eMasjid al-Aqsa ngaphambi kwesambulo sevesi leQuran kuMprofethi Muhammad (amavesi wama-144, 148, kanye nawama-150 wesahluko al-Baqarah weQuran) eyalela amakholwa: "bhekisani ubuso benu kwiMasjid al-Haram".