Jump to content

Samuel Little

Kubuya ku Wikipedia

USamuel Little (ozalwa ngUMcDowell; ngoNhlangulana 7, 1940 - ngoLwezi 30, 2020) wayengumbulali wase ndaweni yaseMelika owatholakala enecala lokubulala abawu sishiyangalombili futhi wavuma ukubulala abangamashumi ayisishiyagalolunye nantathu, ezifundazweni eziwu yishumi nesishiyagalolunye, phakathi konyaka ka-1970 no-2005. I-FBI's Violent Criminal Apprehension Program iqinisekise ukuhileleka kwakhe okungenani ekubulaweni abantu abangamashumi ayisithupha, inani elikhulu lezisulu eziqinisekisiwe kunoma yimuphi Umbulali onobudlova emlandweni waseMelika. U-Little wanikeza imifanekiso yezisulu zakhe ezinga mashumi amabili nesithupha, yize kungebona bonke abahlanganiswe nokubulala okwaziwayo. Ubugebengu bakhe babudlulela kulo lonke izwe, ngokubulala okuningi I-Miami naseLos Angeles.

Ukuphila kwasebuntwaneni

[hlela | Hlela umthombo]

ULittle wazalwa nguSamuel McDowell ngoNhlangulani 7, 1940, eReynolds, eGeorgia. Ukubalwa kwabantu kusukela ngonyaka kaLittle azalwa kwathi unina, uBessie Mae, wayesebenza njengenceku nokuthi uyise wayeneminyaka engama shumi nesishiyangalolunye ubudala uPaul McDowell. ULittle wathi unina osemusha "wayenguwesifazane wasebusuku", nokuthi wamshiya esewusana.[1] Ngokushesha ngemva kokuzalwa kwakhe, umndeni kaLittle wathuthela eLorain, e-Ohio, lapho akhuliswa khona ikakhulukazi ugogo wakhe. Wafunda I-Hawthorne Junior High School. Ngokokulandisa kwakhe, waqala ukuba namaphupho obulili mayelana nokulinya abesifazane esengumntwana, kusukela lapho ebona uthisha wakhe wasenkulisa emthinta intamo yakhe; esemusha, waqoqa omagazini Ubugebengu beqiniso ababonisa ukuklinywa kwabesifazane.

Ngonyaka ka 1956, ngemuva kokubekwa icala lokwephula nokungena endaweni e-Omaha, eNebraska, uLittle waboshwa esikhungweni sezigebengu ezincane. Unina wabalwa ekhadini lokubhalisa "njengendawo engaziwa". ULittle wathuthela eFlorida ukuze ahlale nonina ngasekupheleni kwawo-1960. Ngokwalandisa kwakhe, wayesebenza ngezikhathi ezihlukahlukene njengesisebenzi samathuna kanye nomnakekeli we-ambulensi. Wathi wabe eseqala ukuhamba kabanzi futhi waba nezingxabano eziningi nomthetho," waboshwa ezifundazweni eziyisishiyagalombili ngobugebengu obuhlanganisa ukushayela ngaphansi kwethonya, Ukukhwabanisa, Ukweba izitolo, ukucela usizo, ukuphanga okuhlomile, ukuhlaselwa okubi, ukudlwengula.[2] U-Little waqala ukushaya isibhakela ngesikhathi esejele, ezibiza ngokuthi wayengumdlali we-price wrestling.[2]

Ubugebengu

[hlela | Hlela umthombo]

Ngonyaka ka 1961, uLittle wagwetshwa iminyaka emithathu ejele ngenxa yokugqekeza isitolo sefenisha eLorain; wakhululwa ngo-1964. Ngo-1975, wayeboshiwe izikhathi ezingama shumi amabili nesithupha ezifundazweni eziyishumi nanye ngamacala ahlanganisa ukweba, ukuhlasela, ukuzama ukudlwengula, ukukhwabanisa, nokuhlasela izikhulu zikahulumeni.   

Ngonyaka ka 1982, uLittle waboshwa ePascagoula, eMississippi, futhi wabhekana namacala okubulala uMelinda Rose LaPree oneminyaka engama shumi amabili nambili ubudala, owayunyamalele ngoMandulo walowo nyaka. Ijaji elikhulu lenqaba ukumangalela ngokubulala kwakhe. Kodwa-ke, ngenkathi ephenywa, uLittle wadluliselwa eFlorida futhi waquliswa icala lokubulala uPatricia Ann Mount oneminyaka engamashumi amabili nesithupha ubudala, isidumbu sakhe esasitholakala ngoMandulo 1982. Ofakazi bomshushisi bachaza uLittle enkantolo njengomuntu owayechithe isikhathi noMount ngobusuku bangaphambi kokunyamalala kwakhe. Ngenxa yokungathembi ubufakazi bofakazi, uLittle wakhululwa ngoMasingana 1984.

Little wasuka wayohlala endaweni yase California, lapho wahlala eduze nase San Diego.Ngo Mfumfu 1984, wabanjwa ngenxa yokuthumba, ukushaya, kanye noku klinya umuntu oneminyaka engama shumi amabili seithupha igama lakhe uLaurie Barros, owasinda. Uma sekudlule inyanga eyodewa, watholwa amaphoyisa emuva kwesihlalo nomuntu wesifazane oqulekile, fithi oshayiwe waphinde waklinywa, endaweni eyodwa njenge mizamoyokubulala eBarros. Little wahlala iminyaka emibili nengxenye esejele kubo bobabili ubugebengu. Phezu kokukhululwa kwakhe ngoNlolanja 1987, waphuthuma wayohlala eLos Angeles wapinda wabulala abantu abayishumi.

ULittle waboshwa ngoMandulo 5, 2012, e-Wayside Christian homeless shelter eLouisville, eKentucky, futhi wadluliselwa eCalifornia ukuze abhekane necala lezidakamizwa, ngemuva kwalokho iziphathimandla zasebenzisa Ukuhlolwa kwe-DNA ukuqinisekisa ukuthi wayehileleke ekubulaweni kukaLinda Alford, owabulawa ngoNtulikazi 13, 1987, u-Audrey Nelson Everett, owabulawa ngoNcwaba 14, 1989, noGuadalupe Duarte Apodaca, owabulawa ngoMandulo 3, 1989. Bonke abesifazane abathathu babulawa futhi kamuva batholakala emigwaqweni yaseLos Angeles. Wathunyelwa eLos Angeles, lapho abekwa khona icala ngoMasingane 7, 2013.[3] Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, amaphoyisa athi uLittle uphenywa ngokuhileleka ekubulaleni okungu makhulu amathathu namashumi amabili okwenziwa ngawo-1980, okwakuze kube yileso sikhathi okwakungaziwa. Ngokuqondene nezimo ezintsha, eMississippi, icala lokubulala laseLáPree lavulwa kabusha. Ingqikithi, uLittle wahlolwa ukuthi ubandakanyeka ekubulaweni kwabesifazane abanga mashumi ayisishiyangalolunye nantathu ezifundazweni eziningi.  

Ukuqulwa kwecala nokuboshwa

[hlela | Hlela umthombo]

ULittle waquliswa icala lokubulala u-Alford, uNelson, no-Apodaca ngoMandulo 2014. Abashushisi banikeza ubufakazi be-DNA kanye nobufakazi bofakazi abahlaselwa abamangalelwa ngezikhathi ezahlukahlukene kuwo wonke umsebenzi wakhe wobugebengu. NgoMandulo 25, 2014, uLittle watholakala enecala futhi wagwetshwa ukudilikelwa ejele ngaphandle kokuthola ithuba lokukhululwa. Ngosuku lokukhishwa kwesigwebo, uLittle waqhubeka nokuphikelela ukuthi akanacala. Ngaphambi kokufa kwakhe, uLittle wayeyisigwebo ejele laseCalifornia State, eLos Angeles County. 

  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named "nyt26nov".
  2. 1 2 Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named "StarAdvertiser".
  3. "Man Linked to Three Cold Case Murders" (Press release). January 7, 2013. https://lapdonline.org/newsroom/news_view/52723. Retrieved December 16, 2018.