Solomon Mahlangu

Mayelana Wikipedia

uSolomon Kalushi Mahlangu (10 ngoNtulikazi 1956 – 6 ngoMbasa 1979) wayeyilunga leAfrican National Congress (ANC) kanye noUmkhonto weSizwe (MK). Wagwetshwa isigwebo sentambo ngumbuso wobandlululo ngonyaka we-1979.[1][2]

Ukukhula kwakhe[hlela | Hlela umthombo]

uMahlangu wazalwa  ePitoli  nge-10 uNtulikazi 1956. Wayeyindodana yesibili kaMartha Mahlangu. Ubaba wakhe wabashiya nge-1962 ngaleso sizathu-ke wakhuliswa ngumama wakhe obesebenza emakhishini.  Wangena esikoleni iMamelodi High School ukuyofunda amabanga aphakeme lapho afundan waze wafika ebangeni lesi-8, kodwa azange aqede ngenxa yodlame nesidumo sika se-16 Nhlangulana 1976.[3]

Ekungeneleni kwezoMbusazwe[hlela | Hlela umthombo]

uMahlangu akazange abe yingxenye 16 June 1976 Soweto uprising kodwa ngalowo nyaka wazibandakanya neANC enyangeni kaMandulo 1976. Wabe eseshiya iNingizimu Afrika wayoqeqeshwa njenge sosha lomkhonto weSizwe eAngola kanye nase Mozambikhi kwathi nge11 uNhlangulana 1977 wabuya eNingizimu Afrika esebenzisa indlela yaseSwaziland. uMahlangu kanye nabahlobo bakhe oMondy Johannes Motloung kanye no George "Lucky" Mahlangu, babanjwa amaphoyisa eGoli, kwaba nokudubulana u“Lucky” Mahlangu wakwazi ukubaleka kodwa uSolomon Mahlangu kanye noMotloung baboshwa, uMotloung wahlukunyezwa wangathinteka ingqondo kodwa u Solomon walengiswa emva kweminyaka emibili.[4] Amagama kaSolomon okugcina athi  " Tshela abantu bami ukuthi ngiyabathanda, kumele baqhubeke nokulwa, igazi lami liyonothisa lomhlaba wesihlahla esizothela izithelo zenkululeko, Aluta continua."[5]

References[hlela | Hlela umthombo]

  1. "SOMAFCO : The Solomon Mahlangu Freedom College – Solomon Mahlangu". somafcotrust.org.za. Kulandwe ngomhlaka 2014-03-16.
  2. "Solomon Mahlangu: Fighter Against Apartheid". anc.org.za. Kulandwe ngomhlaka 2014-03-16.
  3. "ANC statement on the execution of Solomon Mahlangu". anc.org.za. Kulandwe ngomhlaka 2014-03-16.
  4. "Solomon Kalushi Mahlangu | South African History Online". sahistory.org.za. Kulandwe ngomhlaka 2014-03-16.
  5. "'My blood will nourish the tree that will bear the fruits of freedom. Tell my people that I love them. They must continue the fight.'". amandla.org.za. Kulandwe ngomhlaka 2014-03-16.