Jump to content

Somxhamama

Mayelana Wikipedia

uSomxhamama (uMxhamama). Umlando uveza ukuthi wayeyinyosi (imbongi) yesilo sakwaDukuza, ingonyama uShaka kaSenzangakhona, okunguyena owaloba izinhlavu nemigqa yezibongo zobhuku luka Menzi. Uyise kaSomxhamama kwakungu Soshaya bengabakwa Sibisi. USomxhamama wabuye wagqama ngothando ayenalo ngeLembe elikhonze kakhulu kangangokuthi walendlalela ekukhothameni kwalo emva kokuba ligabadelwe abafowabo abantwana uDingane noMhlangana belekelelwa uMbopha kaSithayi belibulala esigodlweni salo sakwaBulawayo. Okungacacile kahle ngokuhamba kuka Mxhamama ngesikhathi esisodwa nokukhothama kweLembe ukuthi ingabe wabulawa ingonyama uDingane ngesikhathi soMfecane lapho egabadela bonke ababesondelene neLembe ukuvimba izinduku zokuvukela umbuso wakhe noma walindlalela ngendlela yosiko lokutshala inkosi kwaZulu lapho kukhona abafihlwa ngqo elibeni elilodwa nomzimba ngaphambi umzimba wengonyama.