U-James Peace

U-Kenneth James Peace wazalelwa e-Paisley, ngomhla ka-28 uMandulo 1963. Ungumqambi wase-Sikotlandi, umdlali wepiyano emakhonsathini, neciko lezinto ezibukwayo.
Umlando Wokuphila
[hlela | Hlela umthombo]U-James Peace wazalelwa e-Paisley, e-Sikotlandi, ngomhla ka-28 uMandulo 1963. Ngesikhathi eseyingane wayehlala e-Helensburgh, indawo engasolwandle esentshonalanga yase-Sikotlandi.[1][2][3] Emndenini wakubo kwakukhona amaciko amaningi (ngokwesibonelo, u-John McGhie), futhi uphinde ahlobane no-Felix Burns, umqambi odumile womculo womdanso owayephila engxenyeni yokuqala Yekhulu Lama-20 leminyaka.[1][4] Wafundiswa ipiyano kusukela eneminyaka eyisishiyagalombili futhi wadlalela iningi okokuqala lapho eneminyaka eyishumi nane, edlala umculo ka-Scott Joplin.[3] Lapho eneminyaka eyishumi nesithupha wathathwa e-Royal Scottish Academy of Music and Drama (manje ebizwa ngokuthi: Royal Conservatoire of Scotland) njengomfundi omncane kunabo bonke ofunda isikhathi esigcwele.[1][2][4][5] Ngo-1983 wathola iziqu ze-B.A. yokufundisa ipiyano e-Glasgawu University. Ngonyaka olandelayo wathola i-diploma eqondene nokudlala umculo ngemva kokudlala i-Piano Concerto No.1 ka-Mendelssohn ne-orchestra ye-RSAMD.[4][5] Ngemva kokuphothula izifundo zakhe wayefunwa kakhulu njengomdlali wepiyano futhi wahlala e-Edinburgh kusukela ngo-1988 kuya ku-1991.[1][6]
U-James Peace wahlala e-Bad Nauheim, e-Jalimani Kusukela ngo-1991 kuya ku-2009.[7][8] Ngo-1998 wenza izifundo ze-tango, wakhipha i-CD ethi Tango escocés (Scottish Tango) eyizingoma zakhe zepiyano ezithonywe yi-tango, futhi ngo-2002 waba yilungu elihlonishwayo le-Victoria College of Music.[4][9][10][11][12] Ngonyaka ofanayo wenza amakhonsathi ayedlala kuwo yedwa enyakatho ye-Jalimane ngo-Septhemba/Okthoba naseMpumalanga Ekude ngo-Novemba, edlala okokuqala i-Tango XVII yakhe e-Hong Kong.[9][10][11][12][13][14]
Eminyakeni eyalandela wayedlala kakhulu eYurophu. Udlale ama-tango akhe emadolobheni amakhulu alandelayo: e-Amsterdami, e-Athene,[15] e-Berlini,[16] e-Brussles, e-Helsinki,[17] e-Lisboa,[3][18] e-London, e-Madrid,[3][19] e-Oslo,[20] e-Reykiavík[21] no-Viyena.[22]
Ngo-2008 waba yilungu elihlonishwayo le-London College of Music ethola ukuqashelwa ngamasevisi akhe e-tango.[23][24][25]
Ngemva kwesikhathi esifushane e-Edinburgh wabuyela e-Jalimane ngo-uFebhuwari 2010 wayohlala e-Wiesbaden.[1][2] Lokhu kwaholela elukulukwini elisha lokusungula, wabe esenza amafilimu amafushane ezinye zezingoma zakhe. Ifilimu eyidokhumentari ethi K. James Peace in Wiesbaden ingomunye wemisebenzi yakhe kulo mkhakha.[23][24][25]
Imiklomelo kanye Nezindondo
[hlela | Hlela umthombo]
● Umklomelo Wokuqala, Agnes Millar Prize. IGlasgawu, 1983[5]
● Umklomelo Wokuqala, Dunbartonshire EIS Prize. IGlasgawu, 1984[5]
● Umklomelo Wokuqala, Sibelius Essay Prize. IGlasgawu, 1985[5]
● Idiploma yokuhlonishwa, TIM International Composition Competition. IRoma, 2000[1][2][6]
● Idiploma yokuhlonishwa, IBLA Foundation. INew York, 2002[1][2][6]
● Indondo Yesikhumbuzo, International Piano Duo Association. ITokyo, 2002[26]
● Indondo Yegolide, Académie Internationale de Lutèce. IParisi, 2008[1][2]
Izingoma Aziqamba
[hlela | Hlela umthombo]● Impophoma (I-Waterfall)[27]
● Idylls

● Ulozolo Ekuseni (I-Aubade)
● Ukukhala Buthule (I-Lento Lacrimoso)
● Amaqabunga Alitshelwe (I-Forgotten Leaves)
● Sonata for Oboe and Piano
● Imashi Yomkhosi no.1 (I-Ceremonial March No.1)
● Imashi Yomkhosi no.2 (I-Ceremonial March No.2)
● Igolide Lasekwindla (I-Autumn Gold)[28]
● Ingoma Yaphakade (I-Eternal Song)[1][29]
● "EkaGeorgia" (Ngolimi lwesi-Georgian: საქართველოსთვის) (Ababhali bezingoma: Tamari Chikvaidze, Zurab Chikvaidze noJames Peace)
Amalinki Angaphandle
[hlela | Hlela umthombo]Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 Birgitta Lamparth. "Keine ‘stacheligen’ Klänge", Wiesbadener Tagblatt (Iphephandaba laseJalimane), 10 kuNhlolanja 2011
- 1 2 3 4 5 6 Julia Anderton. "Tango wie eine süß-saure Geschichte". Wiesbadener Kurier (Iphephandaba laseJalimane), 24 Marso 2012
- 1 2 3 4 Soledad Carrizo-Araya. "Una entrevista al compositor James Peace". Hoja de Ruta Digital. uDisemba 2022[dead link]
- 1 2 3 4 Sabine Klein. "Meine Musik ist wie ich - sehr romantisch". Frankfurter Rundschau (Iphephandaba laseJalimane), 1992, edision 254, ikhasi 2
- 1 2 3 4 5 G. Müller. "Die Seele des Klaviers tanzt Tango". Kulturspiegel Wetterau (umagazini waseJalimane). Mhla ziyi-17 kuNdasa, 2001, ikhasi 5
- 1 2 3 "James Peace". FRIZZ (umagazini waseJalimane). uJanuwari 2001, ikhasi 5
- ↑ Manfred Merz. "Virtuose, gefühlsbetonte Welt der Romantik", Wetterauer Zeitung (Iphephandaba laseJalimane), 12 Disemba, 1992, ikhasi 19
- ↑ "James Peace". The Tango Times (umagazini eNew York). Edition: 2002/2003 (39). Ikhasi 1-5
- 1 2 3 National Library of Scotland. Tango escocés
- 1 2 3 Philharmonie de Paris. Tango escocés
- 1 2 3 de bibliotheek. Tango escocés
- 1 2 "James Peace". La Cadena (umagazini iHollandi). ngoSepthemba 2002, ikhasi 26
- ↑ TangoTang, Hong Kong (香港). Iphephandaba, 8 Okthoba, 2002
- ↑ " James Peace ". 南華早報 (iphephandaba e-hong kong). 9 Okthoba, 2002
- ↑ Incwajana yekhonsathi {Για σένα Αγγελική}. I-Athene, 27 Ephreli 2016
- ↑ Tangodanza (umagazini waseJalimane). Edition: 1/2002 - 9
- ↑ Iphosta yohambo lwekhonsathi (uhambo lwekhonsathi eFinlandi ngo-2014)
- ↑ Iphosta yohambo lwekhonsathi (uhambo lwekhonsathi ePhorthugali ngo-2016)
- ↑ Iphosta yohambo lwekhonsathi (uhambo lwekhonsathi eSpeyini: ¡Feliz Cincuenta Cumpleaños - 2013!)
- ↑ Listen.no. James Peace (flygel). Munch Museet. Oslo, Mhla ziyi-16 kuMfumfu, 2002
- ↑ Ríkarður Ö. Pálsson. "Skozkir Slaghörputangoár". Morgunblaðið (iphephandaba e-Ayislandi). Mhla ziyi-14 kuMfumfu
- ↑ Incwajana yekhonsathi (e-Viyena). 23 Januwari, 2005
- 1 2 3 National Library of Scotland. K. James Peace in Wiesbaden
- 1 2 3 Deutsche Nationalbibliothek. K. James Peace in Wiesbaden
- 1 2 3 Whittaker Live. "Wiesbadener Highlander K. James Peace - New DVD"
- ↑ "International Piano Duo Association (東京), Tokyo. Uhlu lwabawine imiklomelo ngo-2002". Archived from the original on 2020-05-27. Kulandwe ngomhlaka 2026-04-13.
- ↑ Hessisches Staatstheater. Incwajana yamakhonsathi enzeke ngomhlaka-12 no-19 Septhemba, 2021
- ↑ "Violine schwebt über das Orchester". Schwäbische Post (iphephandaba laseJalimane). 4 Juni 1994
- ↑ National Library of Scotland. Eternal Song Op.32, Peace, K. James
- ↑ British Viola Society Newsletter, ngo-Agasti, 2023
- ↑ Hoja de Ruta Digital, México. "Una corta historia del tango", 24 Mashi, 2024
- ↑ National Library of Scotland. Tangos op.33, Peace, K. James