uFirenze
| uFirenze | |
|---|---|
Inhlokosonto kaNgcwele Maria del Fiore Palazzo Vecchio Palazzo Pitti uDavide eklanywe nguMichaelangelo Piazza della Repubblica Loggia dei Lanzi | |
| Iziteketiso | La culla del Rinascimento (Umbheleko weRinascimento) |
| Indawo | |
| Izwe | iTaliya |
| Isifundazwe | eThoskano |
| Isidlavela | uFirenze |
| Umlando | |
| Umsunguli | iNkosi uRomulus (21 kaMbasa 735 BC) |
| Umhlaba | |
| Ubungakho bendawo | 102.32 km2 |
| Ukuphakama | 50m ngaphezu kolwandle |
| Umnotho | |
| Umkhiqizo | Izigidigidi ezingama-36.097 EUR |
| Umkhiqizo okomuntu | €35,642 |
| Abantu | |
| Inani | 361,625 |
uFirenze uyisidlavela esiyisiqongo kanye sesifundazwe saseThoskano eTaliya. Inenani labantu ebayizi-361,625. Lokhu kuwenza isidlavela esesishiyagalombili ngenani labantu ezweni kanye nelokuqala ngenani labantu esifundazweni esikuso. Isifunda esibizwa ngegama elifanaya lapho lesidlavela sikuso sinenani labantu abayizi-988,494. iEurostat iqagela ukuthi kuhlala abantu abayizi-696,767 endaweni eyakhiwe ezungeze uFirenze. iNdawo yesiDlavelakazi saseFirenze, ePrato nasePistoia siqukatha ubungakho bendawo ubundlula amakhilomitha skwele ayizi-4,800 nenani labantu abayizigidi ezi-1.5.
uFirenze wayeyinkaba yohwebo nezemali eYurophu kanye nezidlavela ezazinothe kakhulu kuleyankathi. Abongqondonkulu abaningi bayibona njengesibeletho seRinascimento (ngesiNgisi: Renaissance; ngesiZulu: iNkathi yeMvuselelo) ekuholele ekutheni ibeyinkaba yobuciko, usiko, uhwebo, umbusazwe, umnotho kanye nezemali eYurophu. Kulesikhathi uFirenze wayenethonya elikhulu eYurophu naphesheya. Umlando wayo wawuneziyaluyalu. Kwakubusa uMuzi kaMedici owawunethonya nengcebo enkulu eYurophu. Futhi kwakunemivukelambuso okomnotho nokwentandoyeningi. Kusukela 1865 ku 1871, lesidlavela sasiyisiqonga soMbuso waseTaliya. Ulimi lwaseFirenze luyisisekela solwimi oluvamile lwesiTaliya kanye nolwimi lwosiko eTaliya ngenxa yodumo lwobucikomazwi kaDante Alighieri, uPetrarch, uGiovanni Boccaccio, uNiccolo Machiavelli kanye noFrancesco Guicciardini.
uFirenze utholakala amakhilomitha angama-275 enyakatho-ntshonalanga kweRoma. uFirenze uheha abahambi abayizigidi ngonyaka futhi iNkaba eNdala yakwaFirenze iyisiZinda seFagugu soMhlaba ngokwe-UNESCO. uFirenze inenqwaba yemitapomlando nezakhiwosikhumbuzo ikakhulu zeRinascimento isib. umtapozithombe ka-Uffizi nomtapomlando kaPalazzo Pitti. Ngenxa yefagugu lobuciko, umklamozakhiwo nomlando wawo iForbes iwubike esinye sezidlavela eziqhakanjisweyo ngobuhle emhlabeni ngezi-2010. uFirenze ufeza iqhaza elikhulu kwezobucikokugqoka baseTaliya futhi useleshumi nanhlanu ngokweGlobal Language Monitor ngethonya okobucikokugqoka.


