Jump to content

UGertrude Shope

Mayelana Wikipedia

UGertrude Ntiti Shope OMSS (15 August 1925 - 22 May 2025) wayengumgqugquzeli wezinyunyane zabasebenzi waseNingizimu Afrika futhi engumholi wezombusazwe.

Impilo kanye nomsebenzi

[hlela | Hlela umthombo]

Wazalelwa eJohannesburg ngomhla ka 15 August 1925, uShope wakhulela futhi wafunda eBulawayo, eNingizimu Rhodesia (manje esiyiZimbabwe). Wasebenza njengothisha ngaphambi kokuba abe yilungu le-African National Congress ngo-1954.[1] Wajoyina umkhankaso wokulwa nemfundo eyayibizwa iBantu education, esikhundleni salokho waphendukela ekufundiseni ubuciko[2]. Wabe eseba matasa e-Federation of South African Women, futhi okwesikhashana wahola igatsha le-Central Western Jabavu Branch yeqembu labesifazane le-ANC. Wahlala ekudingisweni kusukela ngo-1966 kuya ku-1990, ehola ithimba lezithunywa eMhlanganweni Wezesifazane waseNairobi futhi wasebenzela ku-World Federation of Trade Unions.[1] Kusukela ngo-1970 kuya ku-1971 wayengunobhala kaFlorence Moposho, esiza ekusunguleni ukunyatheliswa kwephephandaba le-Voice of Women. Yena nomyeni wakhe, uMark, bahlala ezindaweni ezihlukahlukene ngesikhathi sokudingiswa kwakhe, kufaka phakathi kwazo i-Prague, iBotswana, iTanzania, iCzechoslovakia, iZambia, ne-Nigeria.[2] ELusaka wasebenza njengommeleli omkhulu we-African National Congress.[3] Kusukela ngo-1991 kuya ku-1993 uShope wahola i-African National Congress Women's League. Okhethweni likazwelonke luka-1994 wakhethwa ukuya ephalamende.[1]

Washada nomyeni wakhe UMark Shope ngo-1957 kwaze kwaba sekufeni komyeni wakhe ngo-1998, owaba nezingane ezintathu naye: isazi sezombangazwe uLyndall kanye namanxusa ezombusazwe uLenin noThaninga.

UShope washona ngomhla ka 22 Meyi 2025, eneminyaka engu-99 ubudala. Umongameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa wayala ukuthi amafulegi kazwelonke ehliswe ngesigamu sesigxobo ukumhlonipha.

Amareferensi

[hlela | Hlela umthombo]