uHulumeni Wendawo

UHulumeni wendawo yigama elijwayelekile lezigaba eziphansi kakhulu zokubusa noma zohlelokulawula lo mphakathi ngaphakathi kwesifundazwe esithile esizimele . Umkhandlu kamasipala noma umkhandlu wendawo uyindikimba yesishayamthetho kamasipala noma indawo kahulumeni wendawo . Kuye ngendawo kanye nokuhlukaniswa komasipala kungaziwa ngokuthi umkhandlu wesidlavela, umkhandlu wesidlidli, umkhandlu wasemakhaya, umkhandlu womuzi, noma ibhodi lesiqoqodwane.
Afrika
[hlela | Hlela umthombo]eNingizimu Afrika
[hlela | Hlela umthombo]INingizimu Afrika inezinhlobo ezimbili zohlelo lhulumeni bendawo ezihlanganisa omasipala bendawo abahlulaniswa ngokuthi umasipala wesifunda kanye nomkhandlusidlidli ohlanganisa zombili izinhlobo zohlumeni wendawo. Lelizwe linemikhandlusidlidli abayisiphohlongo , omasipala bezifunda abangama-44 nomasipala bendawo abangama-205.
Izidlavela ezinkulu zibuswa imikhandlusidlidli. Isibonelo kungabisoflavela saseKapa, esigidinga ngokusebenzisa umkhandlu (onomohathiswa waso) oyinhloko yesigungu esiphethe, Kanye noMeya oyinhloko yeqembu esiphethe endaweni. kubuye kuqokwe nephini likaMeya.
Imikhandlusidlidli ibusa abantu abangaba yizigidi ezingama-24.8, ngokwezibalo zobalobantu luka-2022, abakha amaphesenti angama-40 abantu baseNingizimu Afrika. Uma uphuma kulemikhandlu, lonke izwe liphethwe ngokubambisana omasipala bezifunda nomasipala bezindawo. Omasipala bezifunda be imisebenzi ebanzi, efana nokuhlela okudidiyelwe, ukuthuthukisa ingqalasizinda, nentutho yomphakathi. Omasipala bezindawo banesibopho sokwenza imisebenzi engenziwa uMasipala wesiFunda, ehlanganisa, ukulethwa kwezidingo. Omasipala basebenza ezindaweni zabo, banegunye lokushaya imithetho kulezi zindawo. Kodwa, imithetho ebalulekile ishaywa uhulumeni wesifundazwe nokazwelomke. Izabelomali zezidlavela zicwaningwa minyaka yonke. Ohulumeni bendawo (imikhandlu yomasipala) bakhethwa lapho kunokhetho lohulumeni bezindawo, okwenzeka njalo eminyakeni emihlanu.