UJehova
UJehova ('isiHebheru: Yahweh) igama likaNkulunkulu okubhalwe ngaye ebhayibhelini lesiHebheru owayekhonzwa kakhulu ngabantu bakwa-Israyeli basemandulo. Ibhayibheli liveza ukuthi lona uNkulunkulu okunguyena weqiniso nokunguye owadala izulu nomhlaba. Nakuba isihumusho esijwayelekile simbiza ngokuthi uJehova kodwa izihumusho eziningi zolimi lwesiNgisi lusebenzisa igama elithi "Lord" esikhundleni saleli elithi Jehova. Ngesihebheru sasendulo leli gama lalibhalwa kanje "𐤉𐤄𐤅𐤄". Ibhayibheli ku-Eksodusi 3 liveza ukuthi leli gama lisho ukuthi "Nguye oNguye". Nakuba esihumushweni sesiZulu livela kusukela kuGenesisi 2 kuza neno kodwa uEksodusi 6 uveza ukuthi kwaqala ngoMose ukuthi lo Nkulunkulu abizwe ngaleli gama yize wayekhona nasezikhathini zandulela lezo kodwa wayaziwa ngamanye amagama. Lokhu kufikisa esiphethweni esithi kusho ukuthi ukufakwa kwaleligama encwadini kaGenesisi enkulumweni yabantu basebhayibhelini kwanezezelwa abahleli bemibhalo kamumva. Ukuthi aze agcine ebizwa ngoJehova kwaba ingenxa yokuthekelwa kolimi ngesikhathi sokusabalala kwenkolo yobuKrestu. Ababehluleka ukuthi "Yahweh" baguqula u-Y waba u-J wase u-W eba u-V, kwagcina kuphimiseka ngokuthi uJehova. UbuKhrestu bufika nje olimini isiZulu uNkulunkulu usebenza ngokuthi uJehovah.