UMKHOSI WENKOSAZANE YEZULU UNOMKHUBULWANE
UNomkhubulwana inkosazane yesizwe samaZulu. Leli gama lichaza kucace bha ukuthi le ngilosi ungumuntu wesifazane.
No > Umele unina walokho okukhulunywa ngakho, Isib. unomusa > unina womusa,
Khubula > isenzo esisho ukulima ngelembe (igeja) nokutshala. Lisuka egameni elithi ikhuba (ilikhuba) ngolimi lwanamuhla elisho igeja lomkhono noma igeja lokuhlakula ensimini noma egadini.
No+khubula+ -ane = Nokhubulaane = a> w (unkamisa “a” unguquko wathatha umsindo “w” okuyinguquko yokungwaqazisa. Bese kuthi ungwaqa “m” uyisakhi esisemkhathini esakha imvumelwano egameni.
UNomkhubulwane inkosazane yesizwe samaZulu kukholelwa ukuthi yiyo elawula ukutshalwa nesivuno emasimini, iphinde ilawule ubuntombi ezintombini noma ebantwini besifazane. Kunenkolelo yokuthi le nkosazane ilethe inhlanhla ebantwini besifazane okubalwa kona ukugana kanye nesipho sokuthola abantwana.
Lo mkhosi ungumkhuluko wesizwe lapho kucelwa khona imvula, inala, inzalo, nokuthula ezweni. ISilo saMabandla, uNgangezwelakhe wavuselela leli siko waqoka isizwe sakwaSokhulu ukuba yisona esisingatha lo msebenzi. Isigubhu seNkosazane silandwa khona endaweni yakwaSokhulu.
Ukulinywa kwensimu yeNkosazane kwaSokhulu
[hlela | Hlela umthombo]INkosi yakwaSokhulu yabe seyinikela ngensimu elinywa amakhosikazi esizwe njengensimu yeNkosazane uNomkhubulwane. Le nsimu ilinywa amakhosikazi agcagcile athelwa ngenyongo hhayi intombi noma ingoduso. Nakuba izintombi zingavunyelwe ukuyolima kodwa kuneqhaza ezilibambayo kulo mkhosi. Ngalolu suku izintombi nto ezingamatshitshi zisuke zibuthene nazo lapho kuzophumela khona amakhosikazi.
Lokhu kuwuphawu lokuhlalisa iNkosazane. Izintombi ngalolu suku zibhica kuhle kwabafana. Zibhinca amabheshu futhi zikhiphe izinkomo zizikhaphele edlelweni. Ukukhaphela izinkomo edlelweni kuwuphawu lokuthi bathwele kanzima, isimo sibi ngakho-ke bacela izibusizo kuNkosazane yezulu.
Amakhosikazi wona afike ahlwanyele imbewu enhlobonhlobo kule nsimu. Le nsimu ilinywa kuphela, ayihlakulwa futhi kayivunwa futhi. Ukudla kwakhona kudliwa izinyoni zezulu nezilwane zasendle. Umuntu oyisihambi kuphela okunguyena oke adlule andle ngenxa yephanga lohambo ulude.
Amakhosikazi athi angaqeda ukulima bese ehabula nasemashungwini, bachwaye futhi basine ingoma (ukuphuza amahewu abafike nawo). Kuthi lapho sebezanelisile ngokuphuza, bese okusele bakuthela phansi. Ukuthela phansi lokhu kuwuphawu lokupha nokunikela eNkosazaneni uNomkhubulwane. Konke kusala ensimini. Akuvumekile uphume nokuthile okusele. Kuthiwa uma uphuma ensimini nokuthile uzilethela umkhuhlane nenhlupheko.
Usuku olwandulela umkhuleko
[hlela | Hlela umthombo]Ngosuku olwandulela umkhuleko, isizwe siyazila futhi sizithibe. Akukho namunye ovumekile ukuba eqe iziko noma ukuvakashela elawini. Abasimame abasemfuleni yabo akuvumekile ukuba bayongena ensimini yeNkosazane kodwa baba ingxenye yombungazo ekhaya.
Ngokujwayekile ngosuku olwandulela umkhuleko, amakhosikazi abuthana emzini weNkosi uMthiyane kwaSokhulu. Kungaleso sikhathi lapho bexoxa ngezinto eziphathelene nokuphathwa kwemizi. UNgangezwelakhe, njengoNomthebe nomvikeli wamasiko uyaye aqoke omunye woNdlunkulu bakhe ukuba asingathe lo mkhuleko.
Lo mkhuleko ulungiselelwa ngenyanga kaNhlangulana (uJuni). Ubukhosi bakwaSokhulu noMnyango Wezobuciko Namasiko baya kokhuleka eNdlunkulu kaZulu ngaphambi kokuba kuqale lo mkhuleko/ umkhosi.
Usuku lomkhuleko/ lomkhosi
[hlela | Hlela umthombo]Ngosuku lomkhuleko kusempondozankomo (ekuseni kakhulu), amakhosikazi avuka ahlembe. Athi angaqeda bese abuthana egcekeni. INyosi ibe seyiyamemeza ibikela abaphansi namakhosi asalala ibacelela indlela enhle ebheke ensimini. Amakhosikazi azoqala ihubo eyophuma ngesango etshethe amakhuba nembewu.
[hlela | Hlela umthombo]Emva kokuphothulwa kokulinywa kwensimu. Amakhosikazi abuyela ekhaya leNkosi. INyosi yeNkosi yakwaSokhulu izobe isibikela iNkosi. INkosi ibe isimukela Ndlunkulu namakhosikazi abuya ensimini. UNdlunkula uba nezwi namakhosikazi, awavuselele ngokuphathwa kwemizi, indlela yokuziphatha yomuntu wesifazane, nokubamba iqhaza ekuthuthukiseni isizwe. Uma sekubuya ensimini. UNdlunkulu uba nezwi namakhosikazi awagqugquzela ukuba asukume azithathe, akhuthale ekulimeni nasekuletheli ukuthula emakhaya. Emva kwalokho kube sekunandiswa ngobuciko obunhlobonhlobo okubalwa kubo, ukugida, ukuhaya (izinkondlo zomdabu, imilolozelo) nokunye kokunandisa.