Jump to content

UMaficiza

Kubuya ku Wikipedia
Indiza yomutho wasemoyeni eMelika ebizwa B-52 indiza phezu kweTexas

UMaficiza yindiza yombutho wezempi yokulwa esebenzisa izikhali ezibhaklazwa phansi ukuze iqathaze iziqhumane, inyakule amazaza, noma inyakule izicibisholo ezimpezayo emoyeni .

Kunezinhlobo ezimbili ezinkulu zomaficiza: ezeqhingasu kanye nezobuchule. Ukuqhumisa kobuqhingasu kwenziwa ngeziqhumane ezinkulu eziklanyelwe imisebenzi yokuqhumisa kwesiju eside ngokumelene nezigcibishe zeqhingasu ukuze kuncishiswe ikhono lesitha lokulwa impi ngokunciphisa ufikelelo lwaso kwizinsizakusebenza ngokulimaza ingqalasizinda, ukunciphisa umkhiqizo wezimboni, noma ukulimaza izakhamuzi eziningi ngezinga elibhekwa njengokuphoqelela ukuqoba uphondo. Ukuqhumisa kobuchule kuhloselwe ukulwa nemisebenzi yezempi yesitha kanye nokusekela imisebenzi yokuhlasela, futhi ngokuvamile kwenziwa ngezindiza ezincane ezisebenza ezindaweni ezimfushane, ngokuvamile eduze kwamasosha aphansi noma ngokumelene nemikhumbi yezitha.

Ukujinjwa

[hlela | Hlela umthombo]

Beqhingasu

[hlela | Hlela umthombo]
Umaficiza weqhingasu wombutho wezempi waseRashiya obizwa Tupolev Tu-160