Jump to content

UMhlaba omusha

Kubuya ku Wikipedia

UMhlaba omusha inkulumo esetshenziswa encwadini yebhayibheli eyabhalwa uIsaya (65:17 & 66:22), nasencwadini kaPeter yesibili (3:13), kanye nasencwadini yeSambulo (21:1) lapho kukhulunywa ngesimo sokugcina soluntu olusindisiwe. Lenkulumo iyisifundiso esiyinhloko somchazasiphelo wamaKristu futhi siyagagulwa nasesivumeni sokholo saseNice lapho kuthiwa khona izwe elizayo.