UMose (uMprofethi)
UMose/Moses/Moshe ucatshangwa njengomprofethi obaluleke ukwedlula bonke abaprofethi ngokobuJuda kanti ungomunye wababalulekile enkolweni yobuKrestu, eyobuSulumane, I-Druze Faith, iBahá'í faith nakwezinye izinkolo zika-Abhrahamu. Ngokwebhayibheli neKhurani, uMose wayewumholi wabakwa-Israyeli futhi engummukezeli womthetho uye futhi ohlonishwa ngokubhala imibhalo yamazwi "avela ezulwini" abhalwe kwiThora (izincwadi ezinhlanu zokuqala ebhayibhelini).
| uMose | |
|---|---|
| משה | |
| Moses with the Tablets of the Law (1624), by Guido Reni | |
| Personal | |
| Wazalelwa | eGoshen, eNyakatho yeGibhithe, eGibhithe yaseMandulo/Kemet |
| Wafela | Entabeni yaseNebo, KwaMowabi, Transjordan |
| Inkolo | bheka i-Abrahamic religions |
| Ubuzwe | umGibhithe
um-Israyeli |
| Umfazi | uZiphora/umfazi waseKhushe |
| Abantwana |
|
| Abazali |
|
| Waziwa ngokuthi | imPhrofethi
Ukunikeza abakwa-Israyeli imithetho elishumi |
| Ubuhlobo | |
Ngokwencwadi ka-Eksodusi, uMose wazalwa ngesikhathi lapho abantu bakubo, ama-Israyeli, isizwana esasigqilaziwe, sasidlondlobala khona ngokwesibalo, umphumela walokho kwaba ukukhathazeka kukaFaro ukuthi bangase bazihlanganise nezitha zamaGibhithe. UJokebedi unina kaMose ongumHebheru wamfihla ngenkathi uFaro eyaleza ukuthi kubulawe abantwana abafana abasanda kuzalwa ukuze kwehle isibalo sama-Israyeli. Ngendodakazi kaFaro (eyaziwa ngokuthi indlovukazi uBhithiya eMidirashi) wathathwa wakhuliswa njengotholakele emfuleni iNayili wase ekhulela endlunkulu yaseGibhithe.