UMtapolwazi WakwaNgqondonkulu

Umtapolwazi wakwaNgqondonkulu ungumtapolwazi oxhumene nesikhungo semfundo ephakeme, osekela uhlelomfundo kanye nocwaningo losiba nabafundi basenyuvesi.[1] Ngokombiko weNhlangano Yamanyuvesi aseNingizimu Afrika, kunemitapolwazi engama-26 eNingizimu Afrika.[2] Izinto zokufunda zasekilasini, ezihloselwe ukwengeza izinkulumo zomqaqathi futhi ezigcinwe kumitapolwazi yakwangonqondonkulu, bezilokhu zaziwa ngokuthi "izindawo zokugcina". Ngaphambi kokuba izinsiza zezibhangqiwe zitholakale, izindawo zokugcina zazinikezwa njengezincwadi zangempela noma njengezifaniselo zezihloko zemihela ezifanele. Imitapolwazi yakwangqondonkulu yanamuhla ihlinzeka ngofikelela kwizinsizakusebenza zezibhangqiwe.
Imitapolwazi yakwangqondonkulu kufanele ihlozinge ukuthuthukisa iqoqo lawo njengoba ukuba neqoqo elihanganisa kwasani kungekho lula. Osomtapolwazi lokhu bakwenza ngokungokuhlonza izidingo zeminyango, abafundi, injongo kanye nezinhlelo zemfundo zenyuvesi. Lapho kunemikhakha ekhethekile kulemitapolwazi, ivame ukubhekwa njengemikhakha yekethelo. Amaqoqo afana nalawo avame ukuba isisekelo somnyango webhidli elikhethekile futhi avame ukuhlanganisa amaphepha endabuko, imibhalo yesandla, imidwebo, nezinye izinto zobuciko ezilotshiwe noma ezidalwe abenzi bazo noma ezinezihloko ezikhethekile.
Imitapolwazi yakwangqondonkulu ayifani, iyahluka ngokobungako, izinsizakusebenza, amaqoqo, nezinkonzo zawo. Umtapolwazi waseHarvard yiwona omkhulu kuneminye emhlabeni. Umtapolwazi wase-UNISA wona ongomkhulu e-Afrika yonkana.
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]


Imitapolwazi iyizikhungo zasendulo. Imitapolwazi yakwangqondonkulu yokuqala ihlanganisa umtapolwazi wase-Alexandria owawungomtapolwazi kawonke, kanye nomtapolwazi wenyuvesi yaseNalanda, owasha izinyanga ngenxa yenani elikhulu lemibhalo yesandla eyiqukethe.[3]
Imitapolwazi yakwangqondonkulu kwadingeka ukuba iguquke kusuka ekuqukatheni imibhalo yesandla ezinqolobaneni zayo, kuze kube namuhla lapho isekwazi ukuba izikhungo zocwaningo nokfikelelo lokwaziswa. Ngokwesibonelo, umtapolwazi waseSorbone owasungulwa ngowe-1338 waba umtapolwazi wokuqala oyingxenye yesikhungo semfundo. Lo mtapolwazi wawulokhu uyingxenye yenyuvesi yasePherisi. Ngekhulu le-14 umtapolwazi wase-Bodleian kwaba umtapolwazi wase-Oxford owasungulwa umbhishophi wase-Worcester uThomas Cobham.
- ↑ Curzon, Susan; Jennie Quinonez-Skinner (9 September 2009). Academic Libraries. pp. 11–22. doi:10.1081/E-ELIS3-120044525. ISBN 978-0-8493-9712-7. Kulandwe ngomhlaka 10 September 2013 – via Encyclopedia of Library and Information Sciences.
- ↑ https://chelsa.ac.za/wp-content/uploads/2021/11/StateOfSouthAfricanLibrariesReport.pdf#:~:text=USAf%20%2D%20Universities%20South%20Africa%20is%20an,and%20contribute%20effectively%20to%20South%20Africa's%20development.
- ↑ "Nalanda—the lost beacon of knowledge". The Times of India. Kulandwe ngomhlaka 2022-11-14.