uNdonsakusa

uNdonsakusa (noma uNdosa; uphawu:
).l, owaziwa nangokuthi uMkhulukhulwana ungumZulane wesihlanu kusuka elangeni nomkhulu kuneminye kuzungezohlelo lwelanga. UMkhulukhulwana uyiqhakamela lohowo, elinesisindo esiphindwe kabili ukwedlula yonke imizulane yozungezohlelo lweLanga ihlangene, kodwa muncane Uma eqhathaniswa nesisindo selanga. Ububanzi bakhe buphindwa izikhathi ezilishumi nanye kunoboMhlaba. UMkhulukhulwana uzungeza iLanga eqhele ngebamga eliyi- 5.20 AU (778.5 Gm), futhi unenkathi yozungezo eyiminyaka eli-11.86. UMkhulukhulwana uyindikimba yesithathu eqhakaza kakhulu ebusuku baseMhlabeni, ilandela iNyanga Kanye noNokhwezi, futhi yayikhangelwa kusukela ezikhathini zasendulo.
NgesiZulu kuthiwa uMkhulukhulwana ngenxa yokuthi kwangukumzulane wokuqala weLanga ukwakheka, futhi wakheka waba mkhulu kuneminye imizulane. Umoyambulunga kaMkhulukhulwana uqukethe amaphesenti angama-76 eHwanzi ngamaphesenti angama-24 eHwelanga ngokwesisindo, nengaphakathi lawo elisiluthe. Uqukethe neminonjane yezinhlwa ezinjengoMcalahoe, isOhwe, ISibabuli, iNkanyihwe nemiXube efana noMthundohwe, umhwamuko wamanzi nemicalahlemanzi. Ihwelanga eligcwele kuMkhulukhulwana lilingana namaphesenti angama-80 eHwelanga eliseLangeni, lifana nalelo eliyisifubo sikaNomaxhama.