Jump to content

uNomadwala

Kubuya ku Wikipedia

UNomadwala (uphawu: ⚳) ungumzulane osichwe enkatheni yemihlatshana ephakathi kozungezo lukaNotshezi noMkhulukhulwana. Kwakungumhlabana wokuqala owaziwayo, owatholakala mhla lulunye kuJanuwari ngowe-1801 nguGiuseppe Piazzi ePalermo Astronomical Observatory eSicily, futhi wamenyezelwa njengemzulane omusha. UNomadwala kamuva wajinjwa njengomhlabana futhi muva nje njengomzulane osichwe, okuwukuphela kwawo ongekho ngaphesheya komzila kaNolundwa futhi omkhulu kuleyo engenayo inyanga.

Ububanzi bukaNomadwala bucishe baba yisigamu sobubanzi beNyanga. Ubungakho bakhe obuncane busho ukuthi noma angakhazimula kakhulu ngeke abonakale ngeso lenyama kumuntu oseMhlabeni, ngaphandle uma kusebusuku obuyisigayegaye esinzima. Inkazimulo ebonwayo yalomzulane iphakathi kukaIts 6.7 no- 9.3. Ngenxa yalokho, ulwangu lobuso bakhe alubonakali ngokuvamile ngisho noma sekusetshenziswa izihlongakude ezinamandla, futhi kuningi obekungaziwa ngaye kwaze kwaba yilapho abakwaNASA bethumela indizamkhathi eyisiphuphutheki esibizwa Dawn, neyasondela eduze ozungezweni lukaNomadwala ohambweni lowezi+2015.

Isiphuphutheki iDawn sathola ukuthi ubuso bukaNomadwala buyinxubevange yamanzi, iqhwa, izimbiwa eziswakeme ezinjengezomCalahle nobumba. Imininingo yomnyondo isikisela ukuthi uNomadwala angahlukaniswa ngokwengxenye njengonomyombo nejulambo eliwubumba (leqhwa netshe), futhi unegobohla elingenasiluthe, kodwa eliqatha neliyiqhwa. Nakuba uNomadwala kungenzeka unolwandle lamanzi aluketshezi olungaphakathi, kusagobhoza (brines) kujulambo elingaphandle futhi iyafika nasebusweni bakhe, okuvuyinto evumale ukuthi kwakheke izintabamlilo zeqhwa ezifana ne-Ahuna Mons njalo ezigidini zeminyaka engama-50. Lokhu kwenza uNomadwala kube indikimba enezintabamlilo zeqhwa eziqhumayo eseduze neLanga. UNomadwala unomoyambulunga obhudla kakhulu noguquguqukayo owakhiwa umhwamuko wamanzi, ophafuzwa ngemithombo esebusweni bakhe.