UNoqhuqha

UNoqhuqha (onenombolo -50000 ) ungumzulane oyisichwe onamayonda enkatheni kaKuiper, okuyinkatha yezizulazulane zeqhwa ngaphesheya kukaNolundwa. Unesimo esifana nesikhophelana kancane nobubanzi obumaphakathi obungungamakhilomitha ayi- 1,100, cishe ingxenye yobungako bomzulane osichwe uNochoko. Le ndikimba yavubukulwa ogqayinyanga baseMelika uChad Trujillo noMichael Brown ePalomar Observatory mhla zilu--4 Juni 2002. UNoqhuqha unobuso obsabomvu obenziwe ngeqhwa lamanzi omncwebe, ama-tholin, kanye neminonjana yejawani eqandisiwe.
UNoqhuqha unamayonda amabili amancane azungeza ngaphandle komkhawulo wayo we-Roche, okuphikisana nokulindelwe ngokwemichachiso yokuthi amayonda angaphandle komkhawulo we-Roche kufanele angazinzi. UNoqhuqha unenyanga eyodwa ebizwa ngokuthi i<i>-Weywot</i> kanye nenyanga yesibili engakaqinisekiswa. Kukholakala ukuthi ubumo bukaNoqhuqha obude, buthonya ngokomnyondo iznyanga zakhe, kanye nezingakushisa elibanda kakhulu kusiza ukugcina amayonda ayo azinzile.