Jump to content

USolwazi

Kubuya ku Wikipedia

Usolwazi yisikhundla sakwaNgqondonkulu esisemanyuvesi nakwezinye izikhungo zemfundo ephakeme kanye nocwaningo emazweni amaningi. Ngokwezwi nezwi elithi, uSolwazi lisho 'umuntu oyisazi noma onolwazi, ofunde wagogoda'. Osolwazi bavame ukuba izingcweti emkhakheni wabo kanye nabaqaqathi abasezingeni eliphezulu. [1]

Ezinhlelweni eziningi zezikhundla zakwaNgqondonkulu, igama elithi "uSolwazi" njengesiqu esingenamibandela libhekisela kuphela esikhundleni esiphezulu kakhulu sakwangqondonkulu, ngezinye izikhathi saziwa ngokuthi " usolwazi ogcwele ". Kwamanye amazwe nezikhungo, igama elithi usolwazi lisetshenziswa nasezihlokweni zezikhundla eziphansi njengosolwazi osizayo ; lokhu kunjalo ikakhulukazi e-United States, lapho igama elithi osizayo lisetshenziswa khona ngokwesiko ukubhekisela kosolwazi abasizayo, futhi ngokuvamile kubafundisi noma nabaqaqathi.

  1. Empty citation (help)