USonkala
Ummomo
USonkala ungesinye sezishomo eziyishumi nambili zechathamo esitholakala enyakatho yegambulunga. USonkala uyisishomo esinobukhulu obuphakathi nendawo engamazinga angama-506 futhi izinkanyezi zayo zifiphele, inkanyezi yayo eqhakazayo i-Beta Cancri inkazimulo ebonakalayo eyi-3.5. Siqukethe izinkanyezi eziyishumi ezinemizulane eyaziwayo, kufaka phakathi ne-Cancri 55, enemihlanu: owodwa onguMhlabakazi kanye nemaqhakamela ohowo amane, omuye wayo usekugelezeni futhi ngenxa yalokho unokushisa okuthiwa kufana nokoMhlaba. Enhliziyweni (eyingoni) yalesi sigaba somkhathimbulunga wethu kukhona i-Praesepe (Messier 44), esinye sezixheke ezivulekile esiseduze kakhulu noMhlaba futhi iyindawo ethandwa ogqayinyanga abangamavukane.
