Jump to content

USuku Lwekhonokufunda Lamazwe Omhlaba

Kubuya ku Wikipedia
Uphawu losuku lwekhonokufunda eMumbai

USuku Lwekhonokufunda Lamazwe Omhlaba liwusuku lwamazwe omhlaba lekhonokufunda. Lolusuku lubungazwa njalo ngomhlaka-8 kuMandulo emhlabeni jikelele, kusukela ngonyaka ka-1967.[1]


Inhloso yalolusuku ukuqwashisa umhlaba ngokubaluleka kokufunda nokubhala kanye nokugcizelela isidingo sokuthuthukisa ukufunda nokubhala njengelungelo eliyisisekelo. Minyaka yonke ngalolusuku kusuke kubukwa izinselele ezidala kubenzima ukuba nekhonokufunda kubantu bese kuqhamukwa nezixazululo ezintsha zokulwisana nalenkinga. Ohulumeni, imikhankaso, abaphathi bezinhlangano kanye nemiphakathi bayasebenzisana ngokwesekana ukwakha umhlaba ofundile nonokulingana lapho khona wonke umuntu enethuba lokufinyelela amandla akhe ngokuphelele. Phela ubunzima bokuba nekhonokufunda buvalelana amathuba emfundweni, emsebenzini, kwezempilo, kwezobuchwepheshe nasekuthuthukeni okungashabalali.[2]


Ikhonokufunda eNingizimu Afrika

Lapha eNingizimu Afrika uhulumeni wethula i-Kha Ri Gude Mass Literacy Campaign ngonyaka ka-2008 kuNhlolanja ngenhloso yokweseka imiphakathi ikwazi ukufunda nokubhala ngolunye lwezilimi ezisemthethweni kulezi eziwu-11 esinazo. Lomkhankaso obuye uvumele abafundi abadala ukufunda, ukubhala nokubala ngolimi lwabo lwasekhaya uphethwe umnyango wezemfundo eyisisekelo futhi usebenza kuzo zonke izifundazwe.[3]

  1. ↑ International Literacy Day | UNESCO
  2. ↑ ERIC - ED339819 - Adult Literacy in the Third World: A Review of Objectives and Strategies., 1990
  3. ↑ International Literacy Day 2022 | South African Government (www.gov.za)

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]