Jump to content

UZulaikha Patel

Kubuya ku Wikipedia

UZulaikha Patel (owazalwa ngo-2002) uyisishoshovu esilwa nokucwasa ngokwebala eNingizimu Afrika. Waba uphawu lokulwa nenqubomgomo yePretoria Girls High School maqondana nezinwele zamantombazane amnyama ngonyaka ka-2016, eneminyaka engu-13. Yena kanye nakafunda nabo babamba umbukiso owaholela hhayi nje ekushintsheni kwenqubomgomo yesikole, kodwa futhi waholela ekuphenyeni izinsolo zobandlululo esikoleni. Ucashunwe ethi: "Ukucela ukuba ngiguqule izinwele zami kufana nokucela ukuthi ngisuse ubumnyama bami".

Inkinga Esikoleni Esiphakeme Samantombazane sasePitoli

[hlela | Hlela umthombo]

IPretoria Girls' High School, itholakala ePretoria, eRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika. Lesi sikole sasungulwa ngo-1902, futhi sasimhlophe kusukela sasungulwa kwaze kwaba ngo-1990, njengoba izikole zaseNingizimu Afrika zazihlukaniswe ngaphambi kobandlululo, kodwa kusukela ngo-1990, lesi sikole samukrela zonke izinhlanga. Ngokusho kwe-CNN, i-Pretoria Girls' Code of Conduct ayikhulumi ngokuqondile ngezinwele zabansundu, kodwa ibeka imithetho yokubukeka okujwayelekile, kufaka phakathi ukunquma ukuthi zonke izitayela "kufanele zibe ziguquguqukile, zihlanzekile futhi zihambisane neyunifomu yesikole". Othisha babetshele abafundi ukuthi izinwele zabo ze-afro "aijwayelekile" futhi zidinga ukuthanjiswa. Kwakushiwo ukuthi izinwele zamantombazane zidinga ukuqondiswa noma ziboshwe zibheke emuva, hhayi ukugqokwa njenge-Afros.

UZulaikha Patel wayekulabafundi ababehola umbhukiso ngokumelene nePitoli Girls High, ngokumelene nenqubomgomo yezinwele yesikole samantombazane. Intsha eyayibukisa yasatshiswa ngokuboshwa njengoba uZulaikha Patel ayehola ukubhikisha bokuthule. Ividiyo efakwe ku-inthanethi yabonisa uZulaikha Patel njengoba waybhekene nonogada abathathu abahlomile abaqashwa abaphathi besikole ukuphazamisa ukubhikisha. Le vidiyo yabangela ukuhlehla okukhulu kwesikole.

Imiphumela Yokubhikisa KukaZulaikha

[hlela | Hlela umthombo]

Izenzo zikaZulaikha Patel zagqugqumezela eminye imibhikisho eNingizimu Afrika, e-Lawson Brown High School e-Eastern Cape, nase-St. Michael's School yamantombazane eBloemfontein lapho abazali nabo bamasha baya khona. Abantu emhlabeni wonke baqala ukukwabelana ngezithombe zabo zama-afros ezinkundleni zokuxhumana, ngokubambisana nabafundi besifazane base Pretoria High School. Kwabe sekulandela ukusakazwa kwamaphephandaba omhlaba. Ukubhikisha kwabonisa ukuthi ukuhlukana ngokohlanga kuyaqhubeka, naphezu kokuphela kobandlululo ngo-1991.

Ukuphika inkani kukaPatel kwaqala ukubhikisha nokuguquka okwengeziwe. I-IGauteng Education MEC, uPanyaza Lesufi wavakashela ePitoli Girls' High School ukuzwa izikhalo zabafundi abamnyama, hhayi ngenqubomgomo yezinwele kuphela, kodwa nangobandlululo lobuhlanga jikelele esikoleni. Ngokwesibonelo, amantombazane awavunyelwe ukukhuluma izilimi zase-Afrika ezakhiweni zesikole, kuphela isiNgisi noma i-Afrikaans. UPatrick Gaspard, Inxusa lase-US eNingizimu Afrika, wabhala ku-Twitter wathi "Zonke izinhlangano zinemigomo. Futhi ngezinye izikhathi leyo migomo inobandlululo futhi idinga ukudalulwa futhi iphikiswe. "Isikhalazo se-inthanethi sasinezisayini ezingaba ngu-25,000 ngosuku. UMnyango Wezemfundo WaseGauteng wamisa inqubomgomo yezinwele.

Ukubonwa

[hlela | Hlela umthombo]

Wabonwa njengomunye wabesifazane kwabangu-100 be-BBC baka-2016.