Jump to content

UbuKhosi baseNetherlands

Kubuya ku Wikipedia
IsiPhandla sasebuKhosini saseNetherlands

Ubukhosi baseNetherlands bungaphansi komthethosisekelo kanye nomqulu wombuso waseNetherlands. Ithathu lomthethosisekelelo liphathelene ngezinqubo okobudlkalifa, ukukhwela esihlalweni, ukuphuma esihlalweni, umsebenzi neqhaza lobukhosi, izinqubo zokuxhumana ngaphakathi kweZigaba Jikelele nobukhosi kanye neqhaza leNkosi ebuqanjweni kwemithetho. iNkosi iyinhloko yezwe saseNetherlands.

ubuNdlalifa

[hlela | Hlela umthombo]

Ubunmdlalifa bungobenzalo kaWilliam I womuzi waseOrange-Nassau. Indlalifa ikhethwe ngezindlela ezimbili: inzalo okulingana okobulili kanye nokusondelana okwegazi. Nge-1983, iNetherlands imise ukuba inzalo yeNkosi ingaba indlalifa nakuba ingaluphi ubulili. Uma iNkosi noma Indlovukazi inganabantwana, abosondelene ezigabeni ezintathu zegazi bangakhwela esihallweni ngokulandelana okuhlelekile. Ingane kufanelwe izalwe abazali bayo beshadile ukuthi ivumelwe ukuba indlalifa. Uma inkosi ikhothama ingane yayo ingakazalwa ngoba ikhotheme umkayo angakabelethile, leyo ngane ingaba indlalifa uma ingazalwanga ifile. Uma inkosi isayingane, uSibamba uqokwa ukuthi enze umsebenzi wenkosi kufikela inkosi ekuyiyona ibe ngumuntu omdala. Kujwayelekile ukuthi uSibamba abengumzali ophilayo wenkosi. Uma ingekho indlalifa, iziGaba Jikelele zingakhetha namuni na abeyinkosi ngokempakamiso yehulumende. Lempakamiso ingenziwa ngaphambi kokuthi iNKosi ikhothame. Umuntu angakhishwa ebundlalifeni uma eshada ngaphandle kwemvumo yeziGaba Jikelele noma ebonwa engafanelwe ukubusa ngenhlongozo yeNkosi. Lokhu kungenzeka uma indlalifa ivukela umbuso noma ikhaphela izwe.

ukuKhwela isiHlalo

[hlela | Hlela umthombo]

Akuvumelekile ukuthi izwe lingabi nenkosi. Akukhonakali ukuthi uhulumende ubekhona noma usebenze ngaphandle kwenkosi. Kungakho indlalifa ikhwela isihlalo kulomzuzwana inkosi iphuma esihlalweni noma ikhothama. Uma ingekho indlalifa, uMkhandlu weZwe ufeza iqhaza lenkosi kufikela ukukhethwa kweNkosi entsha. Ngokuba kufanele iNkosi ifeze iqhaza yalo ngendlela ezokwenzela izwe okuhle, kufanele ifunge ukulondolza umthethosisekelo nokufeze iqhaza sesiqu sayo ngokuthembekile. iNkosi kufanele ifungiswe ngokushesha emuva kokungena esikhundleni ngaphambi kwenhlangano ehlangene yeziGaba Jikelele zaseNetherlands e-Amsterdam, isiqonga ngokomthetho saseNetherlands. Lokufungiswa kubizwa i-inhuldiging ngesiNetherlands.

ukuPhela kwesikhathi sasesikhundleni

[hlela | Hlela umthombo]

Isikhathi esikhundleni siphela uma inkosi ikhothama noma iziphumela. Ukuziphumela kuyisinqumo esingenziwa inkosi iyodwa kodwa asibuyiseleki. Lokhu kuchaza ukuthi uma inkosi ithe izophuma esihlalweni akukhonakali ukuthi ubuyele kamuva esihlalweni. Ophumile esikhundleni uba iNkosana noma iNkosazana yaseNetherlands ngenkathi aphila. Kodwa, makashona, ubizwa iNkosi noma iNdlovukazi.

ukuPhucwa igunya lasebukhosini isikhashana

[hlela | Hlela umthombo]

Inkosi ingazicelela ukuthi ingafezi iqhaza lobukhosi noma ingaphucwa igunya lasebukhosini ngehulumende. Lokhu kungenziwa uma inkosi inesifo, ilahlekile noma idinga ukuphumula. Kodwa, umthetho uthi akufanele ukuthi isikhundla senkosi sishiyiwe sikhamisile isikhathi eside esingadingeki. iziGaba Jikelele kufanele zivume ukuze inkosi iphucwa igunya lasebukhosini isikhashana. Kulezigameko, uSibamba uzoqokwa ukuthi ebusele leyonkosi isikhashana leso.

ubuDlelwane nohulumende

[hlela | Hlela umthombo]

Ngokomthethosisekelo, uhulumende uqukatha iNkosi nabongqongqoshe futhi inkosi ayishushiseki, abongqongqoshe bayaphenduleka. Abongqongqoshe abaphenduleki kwiNkosi; inkosi nabongqongqoshe bamunye. Akuvumelekile ukuthi iNkosi iphikisane emphakathini nabongqongqoshe. Zonke izinqumo zikahulumende zibonwa zivunyelwe yiNkosi. Kanjalo akukhonakali ukuthi iNkosi iyale ukuphawula umthetho oxhaswe yihulumende. Akuvumelekile ukuthi inkosi ivulelwe icala noma ishushiswe mayelana izenzo ezihambelana nokubusa okwasebukhosini. Uma isinqumo sombuso siholele ekubini, iNkosi ayikuphendulela lesosigameko kodwa abongqongqoshe yibona abaphendulekayo. Abongqongqoshe yibona abaphethe ngempela. Ngokuba uhlelo lokhetho lwaseNetherlands luzala imiphumela yokuba kungabikho iqembu lombusazwe elilodwa elithola iningi lezinhlalo kwiziGaba Jikelele, inkosi ineqhaza ekubumnjweni kukahulumende. iNkosi iqoka i-informateur ukuthi iphenye izinhlobo zohlaka amaqembu obumsazwe eziGabeni Jikelele angaqoqwa ngayo ukubumba umfelandawonye ogabusa. Bese iNkosi iqoka iformateur ukuthi liqhube izinxoxo zokubumba umfelandawonye ongabusa. Kunabanye abaphikisayo ukuthi inkosi ingakhetha i-informateur neformateur engakhetha uhulumende ofunwa nguye. Kodwa lokhu kuyasoleka ngokuba amaqembu ombusazwe yiwona avuma ukuthi azimisele ukusebenza nobani ekugcineni. iFormateur ivamile ukuqokwa njengoNdunankulu waseNetherlands. Ngezi-2012, iziGaba Jikelele zikhethe usihlalo weNdlu weziThunywa ukuthi aqoke iformateur neinformateur.

ubuDlelwane nesishayamthetho

[hlela | Hlela umthombo]

iNkosi kufanele iphawule yonke imithethosivivinywa elethwa kuyo. Uma uhulumende engahlongozanga ukuthi angawuphawuli umthetho, iNkosi ayivumelekanga ukuthi ingaphawuli umthetho. Iningi lokuphatha kwezinsuku ngezinsuku kungemiyalo yasebukhosini. Lemiyalo kufanele ibe ngaphkathi kwemingcele yomthetho. Lemiyalo yiyona iqinisekisa ukuthi imithehto iyaphoqelelwa futhi ugcwalisa iminingwane eshodayo engalotshwanga emthethweni nqo. Imiyalo yasebukhosini ingaqamba iminyango emisha, ingachitha izindlu zeziGaba Jikelele futhi ingaqoka noma ixoshe abonqongqoshe. Kodwa imiyalo yasebukhosini yenziwa ngabongqongqoshe. Imiyalo yasebukhosini iphawulwa ngungqongqoshe ogunyazwe ukuquma udaba lowo kanye neNkosi. Noma kungakhonakala ukuthi iNkosi ihlongoze imithetho, akukhonakali ukuthi lemithetho ibekwe phambi kweziGaba Jikelele ngaphandle kokuthi imikiswe ungqongqoshe. iNkosi yethula iNkulumo yesiHlalo sasebuKhosini osukwini olubizwa Prinsjesdag eRidderzaal emuva kokufika enqolweni ebuya esigodlweni saseNoordeinde.