Jump to content

UbuQonelobusha

Mayelana Wikipedia

UbuQonelobusha buwukulawulwa umbuso (imvamisa, owabaqoneli) phezu kwe izwe elizimele (imvamisa, elaliqonelwe) ngezindlela ezicashile. [1] [2] Igama elithi lesiZulu elithi ubuQonelobusha lihumusha lelo elalisetshenziswa ngemva kweMpi Yezwe II ukuze libhekisele ekuthembeleni okuqhubekayo kwamazwe ayeqonelwe kulawo ayebaqonele. Kodwa incazelo yalo isebenza, nalapho kukhulunywa ngamandla amazwe athuthukile uma esetshenziselwa ukuxhaphaza amazwe ngendlelayo eqonelayo. [2]

UbuQonelobusha bulingisa isimo sobubhozomeli bezomnotho, ukubhulungisa, ububhozomeli bamasiko kanye nosizo olunemibandela ngenhloso yokuthonya noma ukulawula izwe elisathuthuka esikhundleni sokusebenzisa izindlela zangaphambili zobuqoneli njengokulawula ngamabutho noma ukulawula kwezombusazwe okungaqondile ( hegemony ). UbuQonelobusha buyahluka ekubhulungiseni okuvamisiwe futhi abufani nosizo lwentuthuko ngoba ngokuvamile buholela ebudlelwaneni bokuncikela ukuba izigqila, noma isibopho sezezimali esibhekiswe esizweni sobuqonelobusha.

  1. Scott, John; Marshall, Gordon (2009), "neo-colonialism" (in en), A Dictionary of Sociology (Oxford University Press), doi:10.1093/acref/9780199533008.001.0001, ISBN 978-0-19-953300-8, https://www.oxfordreference.com/display/10.1093/acref/9780199533008.001.0001/acref-9780199533008-e-1534
  2. 1 2 Halperin, Sandra (2023-12-02). "Neocolonialism". Britannica. https://www.britannica.com/topic/neocolonialism.