Jump to content

UbuZiyoni

Kubuya ku Wikipedia
UTheodor Herzl wayengumsunguli wenhlangano yesimanje yobuZiyoni. Epheshaneni lakhe lango-1896 elithi Der Judenstaat, wayenombono wokusungulwa kombuso wamaJuda ozimele wesikhathi esizayo phakathi nekhulu lama-20.

UbuZiyoni buyinhlangano yobuzwephambili besikohlanga [lower-alpha 1] eyavela eYurophu ngasekupheleni kwekhulu le-19 eyayihlose ukusungula ikhaya lesizwe samaJuda, okwakuzofezwa ngokungqonelwa kwePalestine, okuyisifunda okwakuyizwe lakwaIsrayeli ebuJudeni, esibaluleke kakhulu emlandweni wamaJuda . AmaZiyoni ayefuna ukwakha izwe lamaJuda ePalestina elinomhlaba omkhulu, onamaJuda amaningi, kanye nama-Arabhu ambalwa asePalestina ngangokunokwenzeka.

UbuZiyoni baqala ukuvela eYurophu ephakathi naseMpuma njengombutho wobuzwe yezwe ngasekupheleni kwekhulu le-19, isabela eziwombeni ezintsha zokulwa namaJuda futhi isabela ekukhanyiselweni kwamaJuda okubizwa - Haskalah. Ukutheleka kwezifiki zamaZiyoni ePalestina ngalesi sikhathi kuthathwa njengesiqalo sombango wamaJuda namaPalestina . Isibizelo samaZiyoni ngePalestina sasisekelwe emcabangweni obandlululayo wokuthi ilungelo lamaJuda elingokomlando lokuthola umhlaba lingaphezu kwelama-Arabhu.

Isimemezelo sikaBalfour ngowe-1917, sasungula uxhaso lezwe laseBrithani lombutho wobuZiyoni. Ngowe-1922, Izwe lasePalestina (Mandate for Palestine), elalibuswa iBrithani, laliohakamisa abokufika abangamaJuda kunabantu bendawo. Ngowe-1948, emva kokuphela kombuso waseBrithani, umbuso wase-Isirayeli wamemezele ukuthi uzimele futhi kwasuka impi. Ngesikhathi sempi, elaseIsirayeli landisa indawo eliphethe laze lalawula indawo engamaphesenti angama-78 Wendawo eyayibuswa iBrithani. Umphumela wokuxoshwa nokubaleka kwabasePalestina kowe-1948, kwasala abasePalestina cishe abayizi-870,000, bakha imiphakathi yedlanzi lasePalestina.

Imibono ybuZiyoni iyahwexuza futhi ayifani, nokuholele ekuveleni kwezinhlobo ezingafani zobuZiyoni. UbuZiyoni obuseqhulwini yilobo obuhlanganisa imibono youkhula (liberal) wabasebenzi (labor), (Revisionist), nobuZiyoni obungokwesiko, kuyilapho amaqembu afana nelibizwa Brit Shalom kanye neIhud angamaqeqebana aphikisayo ngaphakathi kombutho wobuZiyoni. UbuZiyoni benkolo buwumxhantela ohlanganisa ubuzwephambili obungenankolo nomyamuva wenkolo. Abakhulumeli bobuZiyoni babuchaza njengombutho wenkululeko yesizwe ozobuyisa abantu bomdabu (ababeshushiswa futhi abanobuhlonzi nesizwe obufanayo ngokweMpaphamo yesizwe), ezweni lokhokho babo. Abaphikisa lombono bathi ubuZiyoni buwumbutho wenkolelombono yempakamo, ukuqonela, nokucwasa, noma umbutho wezifiki ezingabaqoneli.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Zionism belongs to the category of ethnocultural nationalism, according to which groups sharing a common history and culture have fundamental and morally significant interests in adhering to their culture and in sustaining it for generations. Cultural nationalism holds that such interests warrant political recognition and support, primarily by the means of granting the groups in question the right to national self-determination or self-rule."[1]
Cite error: <ref> tags exist for a group named "lower-alpha", but no corresponding <references group="lower-alpha"/> tag was found.
  1. Gans 2008, p. 3.