Jump to content

Ubuciko namasiko.

Mayelana Wikipedia

Amasiko ahlanganisa izici ezibonisa indlela yokuphila yabantu abathile. Ubuciko wukuvezwa kwemibono nemizwa yomuntu, okungase kuthathe izindlela eziningi njengokudansa, umculo, ukudweba, izincwadi noma ishashalazi. Ubuciko ukuhlukaniswa kweziqephu okukhulu kwesiko, okwakhiwe imizamo eminingi yakudala kanye neziyalo. Ubuciko buhlanganisa ubuciko obubonakalayo, ubuciko bokubhala kanye nobuciko obudlalwayo. Ngokubona ubuciko bezwe elithile singaqonda kalula isiko lalo lemvelo. Ubuciko namasiko kunendima enkulu ekukhuleni kwezwe. Uma abantu behlanganyela izinkolelo ezifanayo, izimo zengqondo kanye nezindinganiso kuba isiko laleso sizwe, amaciko azama ukulithwebula futhi alibonakalise ngobuciko bawo.[1]

Ubuciko namasiko kuwubunikazi besizwe, okusisiza ukuba siqonde umhlaba osizungezile kangcono. Inhloso yoMnyango Wezobuciko Namasiko wukufaka isandla ekuthuthukiseni umnotho osimeme kanye nokuthuthukisa ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi ngokulondoloza, ukuvikela nokuthuthukisa ezobuciko, amasiko kanye namagugu aseNingizimu Afrika ukuze kusimame isizwe esibumbene ngokwenhlalo yentando yeningi.[2]

imnyuziyemu


Amamnyuziyamu angamafasitela emvelo namasiko ezwe. Kunamamnyuziyamu angaphezu kwama-300 eNingizimu Afrika. Zisuka kumamnyuziyamu womlando, isayensiyezinto eziphilayo, ezezimayini,ezolimo, ezamahlathi kanye neminye imikhakha eminingi. Izivakashi zingathola imibukiso kuzo zonke izihloko ezikhona kusukela kubhiya kuya kubuhlalu, kusukela kumfashini kuya ekudleni.[3]

Ngobuhle bayo bemvelo, izilwane zasendle eziningi, ukuhlukahluka kwamasiko namagugu omlando onothile, iNingizimu Afrika yipharadesi labathwebuli bezithombe. Abathwebuli bezithombe abaningi baseNingizimu Afrika batuswa ngomsebenzi wabo otholakala ezincwadini, amadokhumentari, imibukiso yasekhaya neyaphesheya,komagazini kanye namaphephandaba.[4]

Izinhlangano zobuciko namasiko.

[hlela | Hlela umthombo]

Lezi zinhlangano ezilandelayozidlala indima ebonakalayo ekulondolozeni nasekukhuthazeni ezobuciko namasiko eNingizimu Afrika:

Izinkomba.

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://en.wikipedia.org/wiki/Wikipedia:Contents/Culture_and_the_arts#:~:text=Culture%20includes%20the%20elements%20that,the%20art%20of%20written%20works.
  2. https://www.dsac.gov.za/
  3. https://www.merriam-webster.com/dictionary/museum#:~:text=%3A%20an%20institution%20devoted%20to%20the,an%20art%20museum
  4. https://www.britannica.com/technology/photography/Photography-as-art
  5. https://www.google.com/search?sca_esv=cdfd0c0176bc6a03&sxsrf=AE3TifMprYZNLtQwZQbMEcKSPPL5Q9s3Pg:1753996978934&q=List+of+arts+and+culture+organizations&sa=X&ved=2ahUKEwjEivf2g-iOAxU8VUEAHY-JCxgQ1QJ6BAhvEAE&biw=1366&bih=581&dpr=1