Jump to content

Ubucikomazwi

Kubuya ku Wikipedia
Umtapolwazi WasePalais Bourbon eParis

Ubucikomazwi buyinoma yiliphi iqoqo lomsebenzi obhaliwe. Leli gama liphinde lisetshenziswe emibhalweni ebhekwa njengohlobo lobuciko, ikakhulukazi amanoveli, imidlalo yeshashalazi, izinkondlo. Lihlanganisa kokubili imibhalo eshicilelwe ngokunyathelisa nangezezibhangqiwe . Incasiselo ihlanganisa nobucikomazwi bomlomo, iningi labo oluye labhalwa phansi.[1]Ubucikomazwi buyindlela yokuqopha, ukukhweza, nokudlulisa ulwazi nezokuzijabulisa. Bungaphinde bube neqhaza kwezenhlalo, kwezomqondo, ngokomoya, noma kwezombusazwe.

Ukuyipha ubucikomazwi esinye sezifundo zakwaNgqondnkulu ezindala kakhulu, futhi kunake kakhulu ukufaneleka kwezincwadi noma ukubaluleka kokulumuka kwemibhalo ethile. Ukufundwa kwezincwadi neminye imibhalo njengezinto zobuciko noma amasiko kuncike ekuyipheni imibhalo noma Umlando wencwadi. "Ubucikomazwi", njengohlobo lobuciko, ngezinye izikhathi busetshenziswa ngokufanayo nezinganekwane zobuciko, izinganeko eziqanjiwe ezibhalwe ngenhloso yobuciko, kodwa futhi bugahlanganisa imisebenzi enhkobonhlobo engezona ezinganeko, njengesichazampilo, ama-diary, Izinkumbulo, izincwadi, nezindaba.Kulencasiselo ebanzi, ubucikomazwi buhlanganisa izincwadi ezingezona ezinganeko, izilotshwa, noma okunye ukwaziswa okubhalwe phansi ngesihlokondaba esithile.

Ukuthuthuka kwezobuchwepheshe bokunyathelisa kuvumele ukusatshalaliswa okuqhubekayo nokwanda kwemisebenzi ebhaliwe, kuyilapho inkathi yezezibhangqiwe ifiphaze umehluko phakathi kobucikomazwi bamazuba kuxhakaxholo nezinye izinhlobo zezinsizakuxhamana zanamuhla.

  1. Goody 1987.