Jump to content

Ubukhosi boMbuso oHlangeneyo

Kubuya ku Wikipedia
iNgonyama yoMbuso oHlangeneyo kanye namazwe woMdlelandawonye, uCharles III wakwaWindsor

Ubukhosi boMbuso oHlangeneyo, obuvame ukubizwa ngokuthi ubukhosi baseBhulithani, buwuhlaka bobubusazwe obusetshenziswa nguMbuso oHlangeneyo lapho isikhundla senhloko yesizwe nombuso sindluliswa ngobundlalifa. Futhi, amandla ayo alawulwa ngumthethosisekelo waseBhulithani. Leli gama lingabhekisela nasendimeni yomndeni wasebukhosini ngaphakathi kwohlelo lwezombusazwe woMbuso oHlangeneyo. NgesiZulu, owesilisa osesikhundleni sobukhosi baseBhulithani ubizwa iNgonyama kodwa owesifazane ubizwa iNdlovukazi. Kusukela mhla ziyi-8 kuMandulo 2022 iNgonyama inguCharles III, owahlala esihlalweni sobukhosi ngemuva kokukhothama kukanina, iNdlovukazi u-Elizabeth II.

iNgonyama nomndeni wayo oseduze benza imisebenzi eyahlukahlukene esemthethweni, yemikhosi, yezombusazwe kanye neyokumela isizwe. uHulumeni waseBhulithani ubizwa "uHulumeni kawoPhakemeyo" (isiNgisi: His/Her Majesty's Government). Lokho kukhombisa umlando waseBhulithani lapho iNgonyama yayinegunya phezu kwohulumeni. Lokho kuvela ekutheni ngokomthethosisekelo ongalotshwangwa waseBhulithani, uMqhele (iphawu lesikhundla sobukhosi) sinamandla onke ombuso eMbusweni oHlangeneyo. Nakuba kunjalo, ngokuhamba kwesikhathi, iNgonyama ayisavumelekile ukusebenzisa amandla woMqhele ngendlela eyenqa imikhawulo ebekwe yimithetho eshayiwe yiPhalamende yoMbuso oHlangeneyo kanye nakwemingcele yesiko, imivumelwano esandulelayo nezigwebo ezimemezwe ngamankantolo wegatsha lobulungiswa. Empeleni indima yeNgonyama, okubandakanya neyoMkhuzi-Jikelele wamaButho aHlomileyo, inqunyelwe emisebenzini efana nokunikeza imiklomiso kanye nokuqoka iNdunankulu, ekwenziwa ngendlela engabandlululi okwombangazwe.

Ngokuba iNgonyama yamaSkoti uJakobe III uphinde wahlala esihlalweni sobukhosi soMbuso waseNgilandi, iNgilandi neSikotilandi zibe noMqhele owodwa. Njengoba uMbuso oHlangeneyo wawunqobe izizwe eziningi ngaphesheya kwolwandle, kunembalwa yazo ezikhethe ukugcina loyo ohleli esihlalweni sobukhosi boMbuso Ohlangeneyo ukuba yiNgonyama noma iNdlovukazi yazo emuva kokufumana igunya lokuzimela. Kepha, lokhu kuhlukile esimeni seNgilandi (equkatha neWelisi) neSikotilandi ngoba uMqhele woMbuso oHlangeneyo uhlukile emiQhelweni yalezizizwe, isib. uMqhele waseKhanada, uMqhele wase-Ostreliya, uMqhele waseNgcwele Lushiya ihlukile kuMqhele waseBhulithani. Kodwa, umvumelwano ngaphakathi kwezizwe ezigcine iNgonyama noma iNdlovukazi yoMbuso oHlangeneyo ebukhosini bazo uthi uhlaka lobundlalifa ufanele uvunyelwe yizo zonke lezizizwe. Lokho kuholele ekutheni izithakazelo zobukhosi zithi: Yena oPhakemeyo, uCharles III, ngomusa kaNkulunkulu, woMbuso oHlangeneyo waseBhulithani Nkulu naseNyakatho Ayilendi kanye namaZwe neziNdawo Zakhe ezinye, iNgonyama, iNhloko yeCommonwealth, uMlondolozi weNkolo. Nakuba ngesiZulu elika-His Majesty noma Her Majesty lihunyushwa kuNdabezitha uma kukhulunywa ngeSilo samaBandla Onke, lihunyushwa kuYena oPhakemeyo noma oPhakemeyo makukhulunywa ngeNgonyama yoMbuso oHlangeneyo.