Jump to content

Ubukhululeki

Kubuya ku Wikipedia

Ubukhululeki buyinjulalwazi yesimilo kwezombusazwe esekelwe emalungelweni omuntu ngamunye, inkululeko, imvume yababuswayo, Ukulingana kwezombusazwe, ilungelo lempahla yangasese, kanye nokulingana phambi komthetho.[1] Abakhululeki abhlukahlukene basekela imibono ehlukahlukene futhi ngezinye izikhathi ephikisanayo kuye ngokuqonda kwabo izimiso kodwa ngokuvamile basekela umbuso wabantu wobukhululeki, impahla yomuntu siqu, iminotho yendayi, amalungelo omuntu ngamunye (kuhlanganise Amalungelo omphakathi nAmalungelo abantu), ukungakhethi, ukubusa komthetho, inkululeko yezomnotho neyezombusazwe, inkululeko yokukhuluma, inkululeko yemithombo yezindaba, inkululeko yokuhlangana, inkululeko yenkolo. Ubukhululeki buvame ukucashunwa njengenkolelombono echachazayo yomlando wanamuhla.

Ubukhululeki baphenduka umbutho wezombusazwe Ngenkathi Yokukhanyiselwa, yaba yaduma kakhulu kosomnotho nosonjulalwazi baseNtshona. Ubukhululeki babufuna ukufakelela Impilo evamile yezicwicwicwi, inkolo, ubukhosi obungaphikoswa ilungelo lamakhosi lokubusa, nomyamuva ongokwesiko ngombusosobala wokumelelwa, ukubusa komthetho, nokulingana ngaphansi kwawo. Ubukhululeki baqeda nangezinqubomgomo ze-mercantilism, monopoly yasebukhosini, nezinye inigoqo yohwebo. Osonjulalwazi uJohn Locke uyena okuthiwa wasungula ubukhululeki njengesiko elihlukile elisekelwe kusivumelwano senhlalo, lapho ethi umuntu ngamunye unelungelo elingokwemvelo lempilo, inkululeko nempahla, futhi ohulumeni akufanele baphule lamalungelo.[2] Nakuba ubukhululeki baseBrithani ngokwesiko babugcizelela umbusosobala, ubukhululeki baseFulansi bona babugcizelela ukulandula ubungongomela.

Abaholi baseBrithani beNguqulambuso ekhazimulayo yowe-1688,[3] neNguqulambuso yaseMelika yowe-1776, neNguqulambuso yaseFulansi yowe-1789, zonke zisebenzisa injulalwazi yobukhululeki ukuhlanguza ukuketula ngezikhali ubukhosi. Ikhulu le-19 labona ukusungulwa kohulumeni bobukhululeki kwelaseYurophu naseMelika eseNyakatho.[4] KwelaseBrithani yenkathi kaVictorya, ubukhululeki basetshenziswa ukugxeka umsungulo wezombusazwe, busebenzisa inzululwazi nenhluzeko ekumeleni abantu.[5]

Ngekhulu le19 nelama-20, ubukhululeki emazweni aseMpuma Ephakathi athonya inkathi yezinguquko nokuvela kwemibono yomthethosisekelo, ubuzwe, nokomhlaba.

Ngaphambi kowe-1920, izinkolelombono esiyinhloko ezazingamaqhwemalala obukhululeki zaziwubukhomanisi , umyamuva nocusulelwano;[6] ubukhululeki baphibde babhekana nezinselele ngezinkolelelombono ezifana nobungqwamasi (fascism) nomibono kaMarxi–noLenin. Futhi imibono yobukhululeki yasakazeka nakakhulu lapho amazwe aseNtshona neYurophu, enqoba Izompi zoMhlaba ezimbili.[7] nempi yokusabisana.[8][9]


Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ McLean, Iain; McMillan, Alistair, eds. (2010). "The Concise Oxford Dictionary of Politics". The Concise Oxford Dictionary of Politics (3rd ed.). Oxford University Press. ISBN 978-0-19-920516-5. OCLC 173498589. "liberalism In general, the belief that it is the aim of politics to preserve individual rights and to maximize freedom of choice."
  2. ↑ Locke, John (2012). Second Treatise of Government. All mankind ... being all equal and independent, no one ought to harm another in his life, health, liberty, or possessions
  3. ↑ Pincus, Steven (2009). 1688: The First Modern Revolution. Yale University Press. ISBN 978-0-300-15605-8. Kulandwe ngomhlaka 7 February 2013.
  4. ↑ Zafirovski, Milan (2007). Liberal Modernity and Its Adversaries: Freedom, Liberalism and Anti-Liberalism in the 21st Century. Brill. p. 237. ISBN 978-90-04-16052-1 – via Google Books.
  5. ↑ Eddy, Matthew Daniel (2017). "The Politics of Cognition: Liberalism and the Evolutionary Origins of Victorian Education". British Journal for the History of Science. 50 (4): 677–699. doi:10.1017/S0007087417000863. ISSN 0007-0874. PMID 29019300.
  6. ↑ Koerner, Kirk F. (1985). Liberalism and Its Critics. London: Routledge. ISBN 978-0-429-27957-7 – via Google Books.
  7. ↑ Conway, Martin (2014). "The Limits of an Anti-liberal Europe". In Gosewinkel, Dieter. Anti-liberal Europe: A Neglected Story of Europeanization. Berghahn Books. p. 184. ISBN 978-1-78238-426-7 – via Google Books. Liberalism, liberal values and liberal institutions formed an integral part of that process of European consolidation. Fifteen years after the end of the Second World War, the liberal and democratic identity of Western Europe had been reinforced on almost all sides by the definition of the West as a place of freedom. Set against the oppression in the Communist East, by the slow development of a greater understanding of the moral horror of Nazism, and by the engagement of intellectuals and others with the new states (and social and political systems) emerging in the non-European world to the South.
  8. ↑ Iber, Patrick (13 October 2015). Neither Peace Nor Freedom: The Cultural Cold War in Latin America. Harvard University Press. p. 6. ISBN 978-0-674-28604-7 – via Google Books.
  9. ↑ Fukuyama, Francis (1989). "The End of History?". The National Interest (16): 3–18. ISSN 0884-9382. JSTOR 24027184. Archived from the original on 29 June 2023. Kulandwe ngomhlaka 9 July 2023. Unknown parameter |url-status= ignored (help)