Ubulongo/ Ubulongwe Bezinkomo Ngokwesintu
UBULONGO/ UBULONGWE buphathwa ngenhlonipho njengalo ubisi nesithubi sezinkomazi[1]. Buyahlonishwa ubulongo ngenxa yokuthi buxhumene nempilo yezinkomo. Nabo abulokothwa buphathwe umuntu ongahlambulukile. Noma ngabe uzosinda indlu kodwa amaZulu afundiswa ukuthi abantu abangahlambulukanga ngeke babuthinte ubulongo ngoba zingafa zonke izinkomo. Imvamisa kuthunyelwa izingane kube yizo ezingena esibayeni zibuthe ubulongo. Zithunywa ngoba onina bazo abangeni esibayeni[2]. Ngokunjalo nezingane uma zigangile uma onina bethi bazama ukuzishaya zibaleka ziyongena esibayeni. Angeke esathini-ke umakoti sekuyofuneka akhohlwe ngoba ngeke esamemeza nokumemeza lokhu. Isibaya esezinyandezulu. Ungubani-ke yena ukuba angasengama?
Into exakayo kumhla kunodwendwe kusinwa emzini lowo. Bonke abalobokazi bavunyelwe ukungena esibayeni. Naye umlobokazi ozosina umfica egobodise khona esibayeni[3]. Ugcina ngalelo langa lo msindo kokunye angaze afe engazange wabuya wangena esibayeni[4]. Ngisho ngabe ufuna ukukhipha isangcobe emgodini uthumela abafana bomuzi bamenzele lowo msebenzi[2].
Umsebenzi wobulongo/we
[hlela | Hlela umthombo]- Usinda / ukuhlanza indlu- ubulongwe buthakwe ngemithi ehlukene kade edliwe yinkomo. kafushane-nje bufaniswa nekhemikhali ethile. Kunenkolelo yokuthi ukusinda ngobulongo kusiza ukuxhosha izichitho, imimoya emibi kanti futhi kuyasiziza ukuze indlu ibukeke kahle.
- Ubulongwe buba umquba/ umanyolo- Ubulongwe buphenduka bube umquba. Buyasetshenziswa ezitshalweni ukuze izitshalo zikhule kahle zithele ezithelo ezinhle. Usetshenziswa njengomanyolo ezitshalweni.
- Buthakwa nempepho eshuqiswa emsamu- Uma kushiqiswa impepho emsamu, kuke kufakwe ubulongo ngaphansi kwempepho. Lokho kwenziwa ngenhloso yokunxenxa amathongo ukuba asondele ngokushesha.
- Ukukhipha isichitho- Buyasetshenziswa ukugeza ngabo ubulongwe ukukhipha isichitho, amabhadi/ amashwa. Imvamisa kusetshenziswa ubulongo obumanzi.
- Ukukhuphula isithunywa- ubulongo buyasetshenziswa ukukhuphula isithunywa somuntu onemimoya.
- Ukugeza/ ukuhlanza umzimba - Busenza ukugeza ngenhloso yokuvula izinto ezivaliwe. Kusetshenziswa ubulongo obumanzi. Abanye benza insipho esitshenziswa ukugeza mihla namalanga.
- Ukukhipha indliso- Ubulongwe buxutshwa neminye imithi ukukhipha indliso ngokuthi uphalaze/ ugabhe.
- Uma kuphekwa utshwala- Imvamisa amalongwe (ubulongo obomile) kuphekwa ngawo uma kuphekwa utshwala. Ubulongo obumanzi buphinde bubekwe phansi kwembiza nokukakazela yona imbiza ngobulowe.
Inkolelo yokudabula izinkomo
[hlela | Hlela umthombo]Ukuhlonipha imfuyo kwakubonakala kwabesifazane abasezinqwazini noma abasendaweni yabesifazane. Bebezigwema izinkomo uma bezohlangana nazo baphambukele kude, bangasondelani nazo ngoba bangazithelela ngokufa ngoba bangcolile[5]. Ngisho intombi eqomile iyazihlonipha izinkomo zasemzini. Ithi ingazibona iphambuke iguqe phansi zize zidlule[6]. Izinkomo zihamba nezinyandezulu. Abanye abafana abangamashinga abavumi ukuba kudatshulwe umhlambi wabo ngisho ngabe abadabuli bengamadoda[7]. Amadoda anezigqabo ezinzima azisebenzisa kakhulu uma eyokweshela noma eya koMkhulu. Lezo zigqabo zezinyamazane ezinkulu zinganomthelela omubi ezinkomeni. Ngenxa yamandla emithi izinkomo zingaphunza kokunye zingenwe imikhokha zife[6].
Umquba
[hlela | Hlela umthombo]Umquba uletha imvundo emangalisayo kodwa amaZulu abengakugqize qakala ukutshala ngomquba. Bekuze kube mhla sekulinywa inxiwa lapho belubonakala khona usizo lo mquba[8]. Ukubakhona komquba kuveza izinhlobonhlobo zemifino yamanxiwa njengesihlalakuhle, iklabeklabe, imbuya, imbuyabathwa nohlanyana. Kuhluma ugqumugqumu, kuhlume nesiklolwane. Amanxiwa ayabangwa kuyilowo nalowo mfazi efisa sengathi kungaba nguye osikelwa ngakulowo mquba.
- ↑ Cele, P. M. (2012). Zibanjwa zimaphuphu kwelikaMthaniya kaNdaba (Doctoral dissertation, University of Zululand).
- 1 2 Blose, R. T. (2002). Ukubaluleka kwenhlanzeko ekuphathweni komsebenzi wabadala: The importance of ritual purity in ancestoral ceremonial performance (Doctoral dissertation).
- ↑ Cele, P. M. (2010). Sikhulekel’ibomvu! Abalale bebabili, bavuke bebathathu (Doctoral dissertation).
- ↑ Ngwenya, E. T. (2017). Ucwaningo ngesiko lenhlonipho njengensika yesizwe samaZulu (Doctoral dissertation, University of Zululand).
- ↑ Menye, D. B., & Belonje, C. W. A. (1978). Amagqabantshintshi ngezifo eziqhelekileyo zemfuyo.
- 1 2 Ndaba, E. Z. (2010). Ukuqanjwa kwamagama emizi ezigodini zakwesakwaMkhwanazi kwaDlangezwa (Doctoral dissertation).
- ↑ Zulu, V. A. (2001). Ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu (Doctoral dissertation).
- ↑ Mdluli, F., Thamaga-Chitja, J., & Schmidt, S. (2013). Appraisal of hygiene indicators and farming practices in the production of leafy vegetables by organic small-scale farmers in uMbumbulu (Rural KwaZulu-Natal, South Africa). International Journal of Environmental Research and Public Health, 10(9), 4323-4338.