Jump to content

Ubumama

Mayelana Wikipedia
umama

Ukuba ngumama wesifazane kuhlanganisa umama omatasa ngomsebenzi kanye nomdeni, inselele yenkambiso yomphakathi futhi ngokuvamile obhekana nemizabalazo eyinqayizivele ngenxa yezimo zomlando ezifana nobandlululo kanye nokungalingani okuqhubekayo. Yize kugujwa umqondo wokuba umama, izifundo mayelana neqiniso komama baseNingizimu Afrika zincane. Wonke umama unesipiliyoni kanye nokulindela. Impilo yakhe engokomzimba nengqondo idlala indima endabeni yokuba umama. Umama kungenzeka ukuthi washonelwa umntwana, wathola umntwana engahlelile noma wayengatifuni ingane.[1]

Umama 'omuhle' umuntu onesibopho sokukhulisa ingane yakhe ngokozwelo nangokomzimba kuphela futhi ukubaluleka kwengane kudlula izidingo zakhe. Ukungaboni ngasolinye kwasebesifazane abaningi besilungu ababhekana nakho mayelana nokuzibandakanya emsebenzini ekhokhwelwayo kungase kungabi namandla afanayo emiphakathini lapho umbono wamasiko wokuba umama uhlanganisa ukuba umama ngokuhlanganyela , lapho umthwalo wokunakekela ingane ukuhlanganyela phakathi kwamalungu omndeni nawomphakathi. ENingizimu Afrika, lapho umphakathi wase-Afrika ubukade ubonakala ngokwakhiwa kwemndeni eyandisiwe, imibono yomama ejulile engeke ibe namandla afanayo phakathi kwama-Afrika.[2]

Izinselele zokuba um-Afrika kanye nesipiliyoni sokuba umama, umndeni kanye nokuphila kuhluke kakhulu kulokho kwezizwe kwezizwe zaseNtshonalanga. Kodwa ngokufinyelela ezimakethe komhlaba ngokusebenzisa ubuchwepheshe, izinkundl zokuxhumana, ukufana okumangalisayo phakathi kwalokho omama abasebasha babhekana nezinselele ezingqayizivele futhi indlela ababheka ngayo izinto kanye nalokho abakulindele kuyathuthuka okwenza ukuba umzali kube lula. [3]

Ukushoda okulinganiselwe kokuguquguquka kwendawo yokusebenza eNingizimu Afrika kwenza kube nzima ukuphila komsebenzi komama abasebancane. Izinkampani eziningi , ikakhulukazi emkhakheni ozimele, azinikezi izinketho ezifana nomsebenzi okude noma umsebenzi wamashejuli. Omama abaningi banomuzwa wokuthi akwenele ukuxhumana nezingane zabo ezisanda kuzalwa. Inqubomgomo yamanje ihlinzeka kuphela ngokushintshwa kwemali engenayo ingxenye, okwenza kube inselele ngokwezimali kwabanye omama ukuthatha isikhathi sonke sekhefu. Ukuguquguquka akukho ngoba omama abaningi abavela emiphakathini yasemakhaya noma emalokishini abanayo inketho yekhefu lokuyoteta.[4]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://foreverfamilies.byu.edu/the-sacred-responsibility-of-mothers
  2. https://www.lung.org/get-involved/events/outstanding-mother-awards
  3. https://www.tavahealth.com/resources/motherhood-impact-mental-health
  4. https://www.mamamagic.co.za/