Jump to content

Ubumelabufazi

Kubuya ku Wikipedia
Uphawu lwesithixo uVenus oluhlanganiswe nesibhakela esiphakanyisiwe luwuphawu lobumelabufazi URobin Morgan waluklama ukuze kubhishwe ngokumelene nomcintiswano we-Miss America ka-1969, lapho lwaduma khona.[1]

Ubumelabufazi (noma ubuvikelabufazi)) buyinhlanganisela yemibutho yezombusazwe bezenhlalo kanye nenkolelombono ehlose ukuchasisa nokusungula ukulingana kwezombusazwe, kwezomnotho, komuntu siqu, kanye nokwezenhlalo kwabesilisa nabesifazane.[2][3][4][5][6] Ubumelabufazi buphakamisa umbono othi imiphakathi yanamuhla eyobumvunabudoda - ibeka phambili umbono wabesilisa - nokuthi abesifazane baphathwa ngokungenabulungiswa kule miphakathi.[7] Imizamo yokushintsha lokhu ihlanganisa ukulwa nezinkoleloze zobulili, ukucekela phansi Izindima zobulili ezingokwenkambiso, nokuthuthukisa amathuba nemiphumela yemfundo, yezobuchwepheshe, kanye namathuba phakathi kwabantu. Umuntu umelela ubufazi waziwa ngokuthi imelabufazi noma ivikelabufazi.

Kusukela ngasekupheleni kwekhulu le-18 eYurophu, Izinhlangano zabesifazane ziye zakhankasela amalungelo abesifazane, kufaka phakathi ilungelo lokuvota, ukufuna isikhundla somphakathi, ukusebenza, amaolo alinganayo, ukuba nempahla, Ukuthola imfundo, ukungena ezivumelwaneni, ukuba namalungelo alinganayo emshadweni, kanye nekhefu lokubeletha. Amavikelabufazi asekela ufikelelo ekuvimbeleni inzalo, ukuhushula isisu okungokomthetho, Ukudidiyelwa komphakathi; kanye nokuvikela abesifazane namantombazane ekuhlaselweni ngokobulili, ekuhlukunyezweni ngokobulili kanye nasodlameni lasekhaya.[8] Izinguquko ezindinganisweni zokugqoka zabesifazane kanye nemisebenzi engokomzimba eyamukelekayo yabesifazane nakho kuye kwaba yingxenye yezinhlangano zabesifazane.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Kelly, Jon (17 April 2012). "Breivik: What's behind clenched-fist salutes?". bbc.co.uk. Kulandwe ngomhlaka 7 July 2018.
  2. ↑ Brunell, Laura; Burkett, Elinor (28 February 2024). "Feminism". Encyclopædia Britannica. Encyclopædia Britannica, Inc. Archived from the original on 7 March 2024. Kulandwe ngomhlaka 10 March 2024. Feminism, the belief in social, economic, and political equality of the sexes Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. ↑ Lengermann, Patricia; Niebrugge, Gillian (2010). "Feminism". In Ritzer, G.; Ryan, J.M. The Concise Encyclopedia of Sociology. John Wiley & Sons. p. 223. ISBN 978-1-40-518353-6.
  4. ↑ Mendus, Susan (2005). "Feminism". In Honderich, Ted. The Oxford Companion to Philosophy (2nd ed.). Oxford University Press. pp. 291–294. ISBN 978-0-19-926479-7. Unknown parameter |orig-date= ignored (help)
  5. ↑ Hawkesworth, Mary E. (2006). Globalization and Feminist Activism. Rowman & Littlefield. pp. 25–27. ISBN 978-0-7425-3783-5.
  6. ↑ Beasley, Chris (1999). What Is Feminism?. New York: SAGE. pp. 3–11. ISBN 978-0-7619-6335-6.
  7. ↑ Gamble, Sarah (2001). "Introduction". The Routledge Companion to Feminism and Postfeminism. Routledge. pp. VII. ISBN 978-0-415-24310-0. Unknown parameter |orig-date= ignored (help)
  8. ↑ Echols, Alice (1989). Daring to Be Bad: Radical Feminism in America, 1967–1975. Minneapolis: University of Minnesota Press. ISBN 978-0-8166-1787-6.