Jump to content

Ubungozi bokuduma kwezulu

Kubuya ku Wikipedia

Ukuduma kwezulu okwaziwa ngokuthi umbani lapho kuhlangana khona amafu, okuvamisa ukwenzeka uma kuzona imvula. kuvamile ukwenzeka ngenkathi yasentwasahlobo kanye nasehlobo.[1] Uma izulu liduma liletha ubungozi lapho kulimala khona abantu, izilwane, kanye nokusha kwezakhiwo. Kuyingozi kakhulu ukuduma kwezulu ngoba kungadala ukuithi zonke izinto ezisebenzisa ugesi zishe uma zingacinyiwe ngekathi kuduma izulu. Isikhathi esiningi livamise ukuduma ezindaweni zasemakhaya, ezintabeni kanye nasehlane okugcina kwenza ukuthi abantu abasezindaweni zasemakhaya kube yibona abakhahlanyezwa ukuduma kwezulu kakhulu kunasezindaweni zasemadolobheni.

Izimbangela zokuduma kwezulu

[hlela | Hlela umthombo]
  • Ukushisa kakhulu kwelanga[2]
  • Ukuguquguquka kwesimo sezulu.
  • Ukuhlanganisa amakhambi esintu ngenhloso yokubulala.
  • Ukuhlangana komoya oshisayo nobandayo emafini

Indlela yokuzivikela ekudumeni kwezulu okuyingozi

[hlela | Hlela umthombo]
  • Qikilela ukuthi izinto ezisebenzisa ugesi zicinyiwe uma kuduma izulu.[3]
  • Ungahambi endaweni esehlane noma ezintabeni uma kuduma izulu.
  • Gwema ukwelusa imfuyo uma kuduma izulu.
  • Cima umakhalekhukhwini uma kuduma izulu.
  • Ungasondelani namanzi,
  • Qikilelela ukuthi amafasitela endlini kanye nomnyango kuvuliwe uma kuduma izulu.
  • Faka izikhonkwane zezulu ekhaya.

Usizakala kanjani uma usulinyazwe izulu

[hlela | Hlela umthombo]
  • Phuza ubisi olungangelitha elilodwa.
  • Phuthuma emtholamopilo uyoxilongwa onesi.
  • Sebenzisa amakhambi esintu.


Kubalulekile ukuthi abantu bafundiseke ngobungozi bokuduma kwezulu ngoba ukuduma kwezulu kuyionto eyimvelo futhi eyenzeka zikhathi zonke uma kuguquka inkathi. Njengoba izulu livamise ukuduma emakhaya kuhle ukuthi abantu basemakhaya bafundiseke ngobungozi bokuduma kwezulu

Imithombo yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Programme, Ulwazi (2016-10-17). "Izinkolelo Nemikhuba Eyenziwayo Uma Kuduma Izulu". The Ulwazi Programme (in i-English). Archived from the original on 2026-09-12. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.
  2. ↑ Portillo, Germán (2024-01-26). "Izimbangela zokufudumala kwembulunga yonke: konke odinga ukukwazi". Meteorología en Red. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.
  3. ↑ Programme, Ulwazi (2016-10-17). "Izinkolelo Nemikhuba Eyenziwayo Uma Kuduma Izulu". The Ulwazi Programme (in i-English). Archived from the original on 2026-09-12. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.