Jump to content

Ubunhloli

Mayelana Wikipedia

'Ubunhloli', ukukopola, ukunconda noma ukujeqeza, njengengxenye yomkhakha wenhlakahkiso, isenzo sokuthola eyimfihlo, noma ngandlela thile ukwaziswa okubalulekile. Lokho kwaziswa okunjalo kubizwa ngokuthi inhlakahliso noma buhlakani. Ingcwepheshi eqeqeshelwe ukwenza imigidingo yobunhloli nguhulumeni ingase iqashwe njengenhloli noma umkopoli okanye umncondi. Ubunhloli bungenziwa ezweni langaphandle, ngaphakathi noma buqamama. Lo mkhuba ucashile futhi uyimfumbe, njengoba ngokwencasiselo ungamukeleki. Kwezinye izimo, kungaba yithuluzi elingokomthetho lokuphoqelela umthetho futhi kwezinye, kungaba okungekho emthethweni futhi okujeziswa umthetho.

Ubunhloli buvame ukuba yingxenye yomzamo wezikhungo zikahulumeni noma iiminako yezentengiselwano.