Ubunhloli bomthombo ogengenezi
| Ingxenye yochunge oluthinta |
| Umkhakha wezobunhloli kanye nobunhloli |
|---|
Ubunhloli bomthombo ogengenezi (OSINT) buwukuqoqwa nokuhlaziywa kwemininingo ebuthwe 'emithonjeni egengenezi' (imithombo evulekile nokwaziswa okutholakala emphakathini) ukukhiqiza ubunhloli. I-OSINT isetshenziswa ngokuyinhloko ekulondweni kwesizwe, ukuphoqelelwa komthetho, kanye nobunhloli bomwebo futhi isetshenziswa abahlaziyi ukuphendula izimfuneko zobunhloli eziyimfihlo, ezingeyonimfihlo, noma ezizimele.
Incasiselo
[hlela | Hlela umthombo]Ubunhloli bomthombo ogengenezi bubandakanya ukuvitha nokuhlaziya ukwaziswa okusemphakathini ukuze kukhiqizwe ubunhloli obiluwusizo.[1]
UMnyango Wokulondwa Kwezwe waseMelika uchasisa ubunhloli bomthombo ogengenezi (OSINT) ngokuthi ubunhloli obutonyulwe ekwasizeni okutholakala emphakathini, kwaqoqwa futhi kwasatshalaliswa ngendlela ezobhekana nezidingo zobunhloli.[2] INhlangano iNATO ichazisa ubunhloli bomthombo ogengenezi ngokuthi ubunhloli obutholwe olwazini olusemphakathini nakweminye imininingo engeyonimfihlo nengafikelelwa umphakathi noma engasatshalaliswa emphakathini.[3] UBumbano lwaseYurophu lona luchazisa ubunhloli bomthombo ogengenenzi ngokuthi ukubuthwa nokuqoqea kobunhloli emithonjeni egengenezi' ukuze kukhiqizwe ubunhloli obungasetshenziswa, ukusekela imikhakha efana nokulondwa kwesizwe, ukuphoqelelwa komthetho, nobunhloli bezomhwebo.[4]
Emkhakheni wangaseae, inkampani ebizwa IBM ichasisa ubunhloli bomthombo ogengenezi njengomdludlungu wokubutha nokuhlaziya ukwaziswa okutholakala emphakathini ukuze kuhlolwe izinsongo, kusekelwe izinqumo, noma kuphendulwe imibuzo ethile. Ngokufanayo, inkampani ebizwa CrowdStrike yona ichazisa ubunhloli bomthombo ogengenezi njengokuqoqwa nokuhlaziya kwemininingo etholakala emphakathini ngenxa yobunhloli.[5]
Izindlelasu zokubutha
[hlela | Hlela umthombo]Ukubuthwa kobunhloli bomthombo ogengenezi kufezwa nezindlela eziningana ezihlukene,[6] ezifana nalezi:
- Ubunhloli bezinkundla zokuxhumana, obutholwa ngokudloza noma ukukhangela ubuqhebeqhebe besihawuza somenziwa kuxhakaxholo.
- Ukuvukuza imininingo noma ukugeqa ngezihlwayi.
- Ukudloza iziqoshwa zomphakathi.
- Ukufanisa nokuqinisekisa ukwaziswa okuvela kwabageva ngemininingo.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "What is OSINT (Open-Source Intelligence?) | SANS Institute". SANS Institute. 23 February 2023. Archived from the original on 2025-02-22. Kulandwe ngomhlaka 2025-02-18.
- ↑ Ethical Frameworks in Open Source Intelligence Archived 2025-02-10 at the Wayback Machine.. (Report) (2022). Part of the 2022 Public Private Partnership Analytic Exchange Program. Washington, DC: US Department of Homeland Security.
- ↑ NATO OSINT Handbook V 1.2. NATO. 2001-11-01.
- ↑ "OSINT: Open-source intelligence". European Union Data. 2022-05-02. Archived from the original on 2025-03-17. Kulandwe ngomhlaka 2025-02-18.
- ↑ Baker, Kurt (2025-01-17). "What is OSINT Open Source Intelligence? | CrowdStrike". Crowdstrike (in i-English). Archived from the original on 2025-02-10 a. Kulandwe ngomhlaka 2025-02-18. Check date values in:
|archive-date=(help) - ↑ Leos, Devan (2023-02-28). "Thinking Like a Spy: How Open Source Intelligence Can Give You a Competitive Advantage". Entrepreneur (in i-English). Archived from the original on 2024-04-17. Kulandwe ngomhlaka 2023-11-08. Unknown parameter
|url-status=ignored (help)