Ubuzwe
Ubuzwe

Ubuzwe busho ukuthi umuntu ungowakuliphi izwe. Umuntu angaba nobuzwe ngokuthi wazalelwa noma abazali bakhe abakulelo zwe.Bubalulekile ubuzwe ngoba benza umuntu azizwe eyingxenye futhi buphinde bumunike amalungelo athile nezibopho okufanele azifeze njengomuntu wakulelo zwe. Uma umuntu eyisakhamuzi sezwe uba namalungelo nemisebenzi okufanele ayilindele ehlangabezana nezidingo ezibekiwe . Amalungelo[1] angabandakanya ukuvota uma umuntu efinyelela ezimweni ezidingakalayo,ukuthola usizo lwezinsiza zikahulumeni kanye nokuvikelwa umthetho[2].Kufanele futhi ahloniphe imithetho yezwe futhi aphathe abanye abantu ngenhlonipho.
ENingizimu Afrika sinabantu abavela ezizindeni ezahlukene futhi sikhuluma izilimi[3] eziningi.Sinezilimi ezisemthethweni esibala khona isiZulu,IsiXhosa,isiNdebele,isiSwati,isiSotho,IsiPedi,isiTswana,isiVenda,isiTsonga,isiNgisi kanye nesiBhunu.Nakuba sihlukene ngamasiko nangezilimi ,sonke singabantu bezwe elilodwa kubalulekile ukuthi sihloniphane futhi samukele umehluko okhona phakathi kwethu.Ngaleyondlela singakwazi ukuhlala ngokuthula futhi sakhe izwe elingcono kubo bonke abantu.
Ubuzwe bubalulekile ngoba busenza sibe ingxenye yezwe esihlala kulo.Umuntu kufanele aziqhenye ngobuzwe bakhe ahloniphe futhi alandele imithetho yezwe.[4]
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Tait, Kira (2025-10-02). "Yini amalungelo? Ukubukwa kwamalungelo ngehlo lolimi namasiko endabuko eNingizimu Afrika yangemva kobandlululo". South African Journal on Human Rights. 41 (3–4): 148–167. doi:10.1080/02587203.2026.2633983. ISSN 0258-7203.
- ↑ MnisiWeeks, Sindiso. "Umthetho Wethu Ngumthetho Sisekelo, Futhi Unamalungelo*". PoLAR: Political and Legal Anthropology Review. 47 (2): 228–233. doi:10.1111/plar.12583. ISSN 1081-6976.
- ↑ Ndebele, Hloniphani (2024-12-01). "Ukuthuthukisa Izilimi Zomdabu Zase Afrika Ngokuzibandakanya Emikhakheni Yezifundo Zemfundo Ephakeme". Alternation. 31 (2a). doi:10.29086/2519-5476/2024/v31n2a7. ISSN 1023-1757.
- ↑ There’s the key to the lock on your land: take it!. Wits University Press. pp. 288–291.