Ucwaningo olugengenezi
Ucwaningo olugengenezi luwucwaningo olutholakala kalula kwabanye. Labo abashicilela ucwaningo ngale ndlela bavame ukukhathazeka ngokwenza ucwaningo lube olusobala kakhudlwana, olukubambisana kakhudlwana, lufikileleke kabanzi, futhi lukhabangule kakhudlwana. Ucwaningo olugengenezi luhlose ukwenza izindlela zocwaningo kanye nemininingo eyiziphumo kutholakale kalula, ngokuvamile ngoxhakaxholo, ukuze kusekelwe ukunyalizeka futhi, mhlawumbe, lukubambisana kocwaningo okusabalaliswe kakhulu. Kulokhu, luhlobene kokubili nehlelokusebenza lomthombo ogengenezi kanye nenzululwazi yezakhamuzi .
Ikakhulukazi ocwaningweni olungokwezululwazi ngokwemvelo, ucwaningo olugengenezi lungabizwa ngokuthi inzululwazi egengenezi. [1] [2] Kodwa-ke, leli gama lingaphinde lisho ucwaningo olwenziwe emikhakheni eyahlukahlukene njengezululwazi yezenhlalo, ezoluntu, umchazazibalo, umngcikisho kanye nezokwelapha.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ For an overview, see "Reinventing Discovery" by Michael Nielsen, Princeton University Press (21 October 2011), ISBN 0-691-14890-2
- ↑ Woelfle, Michael; Olliaro, Piero; Todd, Matthew H. (23 September 2011). "Open science is a research accelerator". Nature Chemistry. 3 (10): 745–748. Bibcode:2011NatCh...3..745W. doi:10.1038/nchem.1149. PMID 21941234.