Ucwaningo olungakanisayo
Appearance
Ucwaningo olungakanisayo (noma ucwaningo olunanisayilo) luyiqhingasu lokucwaninga oluhlozinga kakhulu ukungakanisa noma amanani ekubuthweni nasesihlaziyweni semininingo. Lendlela yokucwaninga igcizelela kakhulu ukuvivinywa komchachiso, njengoba isekelwe kwinjulalwazi yobugcanso.[1]
Izibonelo
[hlela | Hlela umthombo]- Ucwaningo oluqukethe amanani angamaphesenti azo zonke izinhlwa ezakha umoyambulunga womhlaba.
- Inhlolovo ephetha ngokuthi isiguli esivamile kufanele silinde amahora amabili egunjini lokulinda lenyanga ethile ngaphambi kokuba sinakwe.
- Umgcanso lapho iqembu x lanikezwa imigwinyo emibili ye-aspirin ngosuku futhi iqembu y lanikezwa imigwinyo emibili ye-placebo ngosuku lapho umhlanganyeli ngamunye ejutshwa ngokwethukela eqenjini elithile noma kwelinye lamaqembu. Izici ezingokwenano ezinjengemigwonyo emibili, iphesenti lezinhlwa kanye nesikhathi sokulinda kwenza izimo nemiphumela ibe engakanisekayo.
- Kwezomnotho, ucwaningo olungakanisayo lusetshenziselwa ukuhlaziya imihwebo kanye nezici ezinomthelela ekwahlukeni kwezinhlaka zokuhleleka kwayo kanye nobudlelwano bezinkampani nabasebenzi, izindayi zemali kanye nemikhiqizo.
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>
tag; no text was provided for refs named:0