Uhlaka lwezintwaso zakwangqondonkulu

Izintwaso zakwangqondonkulu noma uqeqesho lakwangqondonkulu luyigatsha lolwazi, olufundiswayo futhi olucwaningwayo njengengxenye yemfundo ephakeme . Intwaso yethwasa ngokuvamile ichasiswa ngosiba lasenyuvesi nezinhlangano zezifundiswa eziyingxenye yayo kanye nemihela yakwangqondonkulu okushicilelwa kuyo ucwaningo .
Izintwaso ziyahlukahluka phakathi kwalezo ezisungulwe kahle cishe kuwo wonke amanyuvesi anezinhlu ezichasiswe kahle zemihela nezinkomfa kanye nalezo ezisafufusa ezisekelwa amanyuvesi ambalwa kuphela nokushicilelwe. Izintwaso zingaba namagatsha, avame ukubizwa ngokuthi imikhakhantwaso.
Uhlaka olulandelayo lusinikeza umbono kanye nesiqondiso sezihloko zezintwaso zakwangqondonkulu. Esimweni ngasinye, ukungena ezingeni eliphezulu kakhulu loqhiwu (isb., kwezoLuntu) kuneqembu lezintwaso ezifanayo; ukungena ezingeni eliphezulu ezilandelayo (isb., kwezomculo) kunentwaso enezinga elithile lokuzihleleleka nokuba wubuhlonzi obuyisisekelo obuzwiwa izifundiswa zakhona. Amazinga aphansi woqhiwu ayimikhakhantwaso ngokuvamile enganalo iqhaza ekwakhiweni kokuphathwa kwenyuvesi.