Uhlelo lamadlala

Uhlelo lamadlala (noma uhlelo lezindlala) uhlelo oluthumeza iziyalezo emizimbeni yeziphili elihlanganisa nomazinkintshela wamachicho achichizwa yizindlala zangaphakathi eziqondiswe ohlelweni lokujikeleza kwegazi okuyiwona agcibisha futhi alawule izitho ezikude. Ezilwaneni ezinomgogodla, imfomazinzwa (hypothalamus) iyisikhungo sokulawula izinzwa sazo zonke izinhlelo zamadlala.
Kubantu, izindlala zihlanganisa isiqhoqhodo (thyroid), isiqhoqhodana (parathyroid), imfomavange (pituitary), imfomasiyozi (pineal), kanye nemfomavuso (adrenal glands), kanye amasende (testis) (yabesilisa) kanye namaqanda (ovari) (abesifazane). Imfomazinzwa, amanyikwe, kanye ne -thymus nazo zisebenza njengezindlala zamachicho, phakathi kweminye imisebenzi. (Izindlala imfomazinzwa kanye nemfomavange ziyizitho zohlelo lamadlalezinzwa. Omunye womisebenzi obaluleke kakhulu wemfomazinzwa — itholakala ebuchosheni obuseduze nemfomavange — ukuxhumanisa uhlelo lwamadlala nohlelo lwemizwa ngemfomavange. Ezinye izitho, njengezinso, nazo zinendima ohlelweni lamadlala ngokuchicha amachicho athile. Ucwaningo lohlelo lwamadlala kanye nezinkinga zalo lwaziwa ngokuthi umchazazindlala. Isiqhoqhodo siichicha i-thyroxine, imfomavange ichicha amachicho wokukhula, imfomasiyozi ichicha isiyoziyozi, isende lona lichicha i-testosterone, bese amaqanda achicha i-estrogen ne -progesterone . [1]