Uhlelo lokugaya ukudla

Uhlelo lokugaya ukudla lomuntu luqukethe umgudu wokugaya ukudla kanye nezitho ezisekelayo zokugaya ukudla ( ulimi, izindlala zamathe, amanyikwe, isibindi, kanye nenyongo ). Ukugaya ukudla kuhilela ukuhlukaniswa kokudla kube izingcezu ezincane , kuze kube yilapho kukwazi ukumuncwa nokufakwa emzimbeni. Inqubo yokugaya ukudla inezigaba ezintathu: isigaba sekhanda, isigaba sesisu, kanye nesigaba samathumbu .
Isigaba sokuqala sokugayeka kokudla yisigaba sekhanda, esiqala ngokumfoma kwamadlala esisu esisabela lapho umuntu ebona futhi enukelwa kokudla, futhi siqhubekekela emlonyeni ngokuhlafunwa kokudla, kanye nokuwohlozwa amavange ngezinzwayiza zokugaya ukudla ezisematheni . Amathe aqukethe i-amylase, kanye ne-lingual lipase, eklazwa yizindlala zamathe, kanye nezindlala zoluce olimini. Ukuhlafuna kuhlanganisa ukudla namathe ukuze kukhiqizwe i -isiponotwane sokudla esizogwinywa ngomminzo ukuze singene esiswini . Isigaba sesibili, isigaba sesisu, senzeka esiswini noma esigimbelweni, lapho ukudla kuphinde kuhlukaniswe khona ngokuxuba nenjengezi yesisu kuze kudlulele ethunjini lenanzi, ingxenye yokuqala yamathumbu amancane . Isigaba samathumbu lapho ukudla okugayiwe kancane kuxutshwa nezinzwayiza zamanyikwe zokugaya ukudla kuphothula inqubo yokugaya ukudla.
Ukugaya ukudla kusizwa ukuhlafuna ukudla okwenziwa yimisipha yokuhlafuna, ulimi, namazinyo, kanye nokufinyela kwe- peristalsis, kanye nokuhlukaniswa . Injenge lesisu eliqukethe isimunyu sesisu, kanye nokukhiqizwa kwezindenda esiswini, kubalulekile ekuqhubekeni kokugaya ukudla.