Jump to content

Uhlelompiliswano

Kubuya ku Wikipedia
uhlelompiliswano komuyambi kamangijani

Uhlelompiliswano isimiso esakhiwa yiziphili ezinananayo nendawo ezungezile: Izigcoyi zokuphilayo nezigcoyi zokungaphili zihlanganiswe ndawonye ngemijikelezo yemisoco kanye nokugeleza kwesidlakalasi.

Izinhlelompiliswano zilawulwa izici ezingaphandle nezingaphakathi kwazo. Izici ezingaphandle —ezihkanganisa nomoya wezulu—zilawula uhlaka lohlelompiliswano, kodwa azithonywa yilo. Ngokuphambene, izici ezingaphakathi zona zilawulwa imidludlungu yohlelompiliswano; ehlanganisa ukuvunda, izinhlobo zemiqhinqo ekhona, ukuncintisana kwezimpande, umthunzi, ukuphazamiseka, nokwelamana. Nakuba izici ezingaphandle zivame ukunquma ukuthi yiziphi izinsiza eziyingxenye yohlelompiliswano, ukutholakala kwazo kuhlelompiliswano kulawulwa izici ezingaphakathi.