Uhleloxhumano lwamazuba
Appearance

Uhleloxhumano lwamazuba iwukuxhumana kwezigcoyi zamazuba (isb., iziphathanzuba, izivimbazuba, ama-inductor, ama-capacitor, isiqhebezi, ama-transistors ) noma unongo lokuxhumana okunjalo, oluqukethe izinto zamazuba (isb., imithombo yesivuve, imithombo yoluzuba, ukumelana, ama-inductance, ama-capacitance ). Intandelo yamazuba iwuhleloxhumano oluqukethe umazinkitshenla ovaliwe, olunikeza indlela yokubuyela kwamazuba. Ngakho-ke zonke leintandelo zingamahleloxhumano, kodwa akuwona wonke amahleloxhumano ayizintandelo (yize amahleloxhumano angenaye umazinkintsehal ovaliwe evame ukubizwa ngokuthi izintandelo ezivulekile ).