Uhleloxhumano lwezokuxhumakude
Uhleloxhuamano lwezokuxhumana luyiqoqo lamaqhuzu wamakhongco ezokuxhumana axhumanisiwe asetshenziselwa ukunanana ngemiyalezo phakathi kwamaqhuzu. Amakhongco angasebenzisa izinhlobonhlobo zezobuchwepheshe ezisekwe kwezindlelasu zentandelo yokuqhebeza, ukuqhebeza umyalezo, noma ukuqhebeza ikhukhu ukuze kudluliswe imiyalezo neziyabizo.
Amaqhuzu amaningana angasebenzisana ukudlulisa umyalezo kusuka eqhuzwini lendabuko kuya eqhuzwini lempokophelo. Ngalomsebenzi wokukhondisa (routing function), iqhuzu ngalinye kuhleloxhumano linikwa ikheli lehleloxhumano lokulihlonza nokubona ukuthi likuphi ohlelweni. Iqoqo lamakheli kuhleloxhumano libizwa umkhathi wekheli lohleloxhumano.
Izibonelo zamahleloxhumano ezokuxhumana zihlanganisa amahleloxhumano esicikizi, uxhakaxholo, uhleloxhumano locingo oluqhebezwa sobala, uhleloxhumano lwe-Telex lomhlaba, uhleloxhumano lwe-ACARS kwezokundiza, kanye namahleloxhumano omsakazo angenantambo wabahlinzeka ngezokuxhumana kukamakhalekhukhwini.