Jump to content

Ukhetho lomasipala laseNingizimu Afrika lowezi-2026

Kubuya ku Wikipedia
Ukhetho lomasipala baseNingizimu Afrika lowezi-2026

4 November 2026

Zonke izibonda zomasipalakazi abayisi-8
Zonke izibonda zomasipala bendawo abangama-205
Amaphesenti angama-40 ezibonda zomasipala bezifunda abangama-44
 
Leader Cyril Ramaphosa Geordin Hill-Lewis Julius Malema
Party ANC DA EFF
Previous election popular vote 45.59% 21.62% 10.32%

 
Leader Velenkosini Hlabisa Corné Mulder Herman Mashaba
Party IFP VF+ ActionSA
Previous election popular vote 5.65% 2.34% 2.34%

Ukhetho lomasipala laseNingizimu Afrika lowezi-2026 luzobanjwa mhla ziyi-4 kuNovemba wezi-2026 kulo lonke elaseNingizimu Afrika, ukuze kukhethwe izibonda zazo zonke izifunda, omasipalakazi nakuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye zezwe. Amaqembu ezembusazwe angama-508 abhalisele ukuhlanganyela okhethweni. Inani eliphelele lezifunda zokukhetha eziya okhethweni laliyizi-4,488.

Kusukela ngoDisemba wezi-2025, abantu baseNingizimu Afrika abayizigidi eziyizi-27.67 babhalisele ukukhetha, ngokusho kweKhomishini Yokhetho. Iqembu elikhulu kunawo wonke lokukhetha kwakuyizakhamuzi ezineminyaka engama-30 kuya kwengama-39 ubudala. Amaphesenti angama-55% abakhethi ababhalisile kwakungabesifazane.

Llolu kuzoba ukhetho lokuqala oluzobanjwa kulandela ukwkhiwa kohulumeni wobumbano ngowezi-2024. Njengoba kuba nokhetho njalo eminyakeni eyisihlanu, ihlandla lesihalnu lohulumeni wendawo eNngizimu Afrika lizophela mhla zilu-1 November 2026. Mhla zili-13 November 2024, uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, [u[Khumbudzo Ntshavheni]], wamemezela ukuthi ukhetho luzobanjwa phakathi kwenyanga ka-Novemba 2026 nomha zilu-1 February 2027.[1]

Njengalo lonke ukhetho oluba khona lukahulumeni eNingizimu Afrika, ukhetho lomasipala lowei-2026 luzohlelenjwa inhlangano yokhetho yezwe ezimele, ebizwa IKhomishini Yokhetho yaseNingizimu Afrika. Lokhu kuhambisana nokusungulwa kwayo ngaphansi kwesahluko sethoba somthethosisekelo, njengoa kuyisibopho ngokweSigaba 190 soMthethosisekelo, nezimfanelo zayo kuSigaba 5 soMthetho Wekhomishana Yokhetho, 1996.[2]

ISigungu Esiphezulu saseNingizimu Afrika sigunyaze ukusungulwa kweKomidi elixubiminyango elizokwengamela amalungiselelo woKhetho Lohulumeni bendawo ngowezi-2026. Leli komidi lizosebenzisana neKhomishana yokhetho nezinnye izindikimba ezifanele ukuqinisekisa ukuthi umdludlungu oholela ekubanjweni kokhetho olungenazihibe ialandelwa futhi liba nokuthula.[1]

Abakhethi

[hlela | Hlela umthombo]

Ukubhalisa

[hlela | Hlela umthombo]
Uphawu lenhoangano iIEC lokubhalisela ukhetho eKapa
Isikhungo sokukhetha esikoleni samabangaphansi iPaarl Boys ngempelasonto lokubhalisela ukhetho ngoJuni wezi-2026

Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zibhalisa kanye, futhi zigcinwa emqulwini wabakhetgi ungubaphakade. Izakhamuzi ziyaphefukisa imininingwane yazo yomuntusiqu, efana Nokuguqula kwekheli zisebenzisa uxhakaxholo kusizindalwebi seKhomishini yoKhetho. Abakhethi babhalisa ngendawo abahlala kuyona, bese benikwa Isikhungo sokukhetha esikuleyo ndawo. Abakhethi bayakwazi nokufaka isicelo sokukhetha bakwenye indawo, njengalapho bevakashele kwesinye isidlavela.

NgoNovemba wezi-2025, Ikhomisahana Yokhetho YaseNingizimu Afrika yaqinisekisaukuthi kusuka ngoJanuari kuya kuSeptemba we,i-2025, bangaphezu kwezi-305,200 abakhethi abasha ababhakisile, kuyilapho abangaphezu kwezi-60,700 abakhethi abakhona baphefulise imininingwane yabo. Enkulumweni yakhe ngoNovember wezi-2025, iPhini Lesikhulu sokhetho uMasego Shiburi wagqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuba babhalisele ukukhetha.[3]

Izimpelasonto zokubhalisela ukukhetha zijutshelwe ukuba khona ngoJuni nango-Agasti wezi-2026.[4]

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. 1 2 "Cabinet approves establishment of IMC for 2026 Municipal Elections". SAnews. 13 November 2024. Kulandwe ngomhlaka 29 March 2025.
  2. ↑ "What we do – Electoral Commission of South Africa". Electoral Commission of South Africa. Kulandwe ngomhlaka 1 May 2025.
  3. ↑ "All systems go for 2026/7 Local Government Elections". The South African Government News Agency. 4 November 2025. Kulandwe ngomhlaka 31 December 2025.
  4. ↑ Nkateko Joseph Mabasa (10 December 2025). "Electoral Commission of South Africa sets out 2026/27 local election schedule". Mail & Guardian. Kulandwe ngomhlaka 31 December 2025.