Jump to content

UkuQonela

Mayelana Wikipedia
Ibalazwe lonyaka izwe ngalinye elathola ngawo uzibuse.

UkuQonela kuyinqubo yokusungula indawo yokuhlala noma yokulawula izindawo kwelinye izwe noma abantu bakwelinye ngenjongo yokulima, ukuxhaphaza, ukuhweba kanye nokuhlala lapho emva kokudla umhlaba. UkuQonela ngokuvamile kuyaphishekelwa futhi kunakekelwe, ngobubhozomeli, i-mercantilism, nakuba kuhlukile kuzo.

UbuQoneli bezifiki buwuhlobo lekoloni olwakhiwe noluphoqelelwa yizifiki ngokuqondile, kuyilapho izwe noma IsiDlavela ezivela kuso ( metropole ) ligcina ukuxhumana noma ulawulo ngonuqhebeqhebe bazo izifiki. KubuQoneli bezifiki, iqembu elincane libusa ngokuphokothelwa noma ukucindezelwa kwezakhamuzi ezikhona, [1] noma ngokuzimisa njengabantu abayiningi ngokuxosha abanye, ukubakhwebukisa noma ukubulala abantu abakhona, kanye nangokuthuthela kulelo zwe ngobuningi.

Ukudliwa komhlaba ngabaseYurophu e-Australia, naseNew Zealand, nakwezinye izindawo e -Oceania kwagqugquzelwa izinhlolimazwe, futhi abaqoneli babethatha izindawo zomhlaba abahlangana nazo "njengomhlaba ongenalutho", noma "umhlaba ongenamuntu". Lokhu kwaholela emithethweni nasemaswini efana nimthetho wase -Mexico obizwa General Colonization Law wango-1824 kanye nemfundiso ebizwa Manifest-destiny yase -United States eyaqhubekisela phambili ubuqoneli.

  1. . p. 21–31. Missing or empty |title= (help)