Ukubaluleka kwabantu besifazane abangabameli ezinkantolo zaseNingizimu Afrika
Abantu besifazane abangabammeli

babaluleke kakhulu ezinkantolo zaseNingizimu Afrika njengasezinkantolo zakwamanye amazwe omhlaba. Iqhaza lomuntu wesifazane kuhle uma lihlonishwa futhi liqhakanjiswa ezinkantolo njengoba abantu besifazane bekwazi nabo ukwenza imisebenzi eyenziwa abantu besilisa. Njengoba isikhathi sokucindezelwa kwabantu besifazane ezinkantolo zaseNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele sesaphelelwa isikhathi, kuhle ukuthi nabo banikwe amathuba alinganayo nawabantu besilisa. Injulalwazi egxile kubantu besifazane ikuveza kucace ukuthi umuntu wesifazane akufanele angahlonishwa ngokufanele, acindezelwe futhi anganikwa amanye amathuba anikwa abantu besilisa. Lolu cwaningo lusebenzisa indlela yekhwalithethivu njengoba lugxile ekucwaningweni ngocwaningo olugxilwe emibhalweni engamagama. Alugxilanga ezinombolweni. Umbuzongqangi walolu cwaningi uthi "ngabe kubaluleke ngani ukunikezwa kwabantu besifazane amathuba alingana nawabantu besilisa ezinkantolo zaseNingizimu Afrika. Njengoba nebhayibheli likufakazela ukuthi bonke abantu bayalingana phambi kwamehlo kaMvelingqangi, ngakho-ke asikho isidingo sokuthi kutholakale abantu besifazane becindezelwa ngenxa yobulili babo. Imiphumela yalolu cwaningo ikuveza kucace ukuthi abantu besifazane babalulekile ukuthi nabo benikwe amathuba alingana nabantu besilisa ezinkantolo zaseNingizimu Afrika njengoba wonke umsebenzi owenziwa abantu besilisa ezinkantolo ungekho aabangakwazi ukuwenza ngendlela efanele.[1]
Okubalulekile ngalolu cwaningo
[hlela | Hlela umthombo]Lolu cwaningo lubalulekile njengoba ezinkantolo ikakhulukazi ngesikhathi sobandlululo abantu besifazane babenganikezwa amathuba alingana nawabantu besilisa eNingizimu Afrika ngenxa yemithethio eyayishaywa uhulumeni wobandlululo. Njengoba sekuphilwa ngaphansi kwentando yeningi eNingizimu Afria kusukela ngonyaka we-1994 kubalulekile ukuthi abantu besifazane nabo banikezwe amathuba alingana nawabantu besilisa. Uhulumeni obusayo eNingizimu Afrika uhlezi egqugquzela ukuthi abantu besifazane nabo benikwe amathuba alingana nawabantu besilisa kuzo zonke izindawo ezihlanganisa izinkantolo. Njengoba ucwaningo oselenziwe manyelana nabantu besifazane liveza ukuthi sebefundile futhi banazo iziqu zokuthi basebenze ezinkantolo, kubalulekil4 ukuthi banikezwe imisebenzi yokuthi bakwazi ukusebenza njengabameli, amajani, abashushisi nezimanje bangagcini ngokuthola imisebenzi emincane njengowomabhalane nabasizi emahhovisi asezinkantolo. Kulabo abasenemicabango wokuthi abantu besifazane kumele bathole imisebenzi engaphansi kwabantu kwesilisa, kumele baqale bacabange kabusha njengoba imicabango yabo isiphelelwe isikhathi. Uma kukhulunywa ngokuthuthukisa iNingizimu Afrika entsha kubalulekile kungashiywa ngaphandle ukugxila engxoxweni ethi abantu besifazanne abanikwe amathuba afanba nawabantu besilisa ezinkantolo. Kubalulekile nokuthi kuhlale kugxile ebuchosheni balabo abacabanga ukuthi umuntu wesifazane akakwazi ukuba umama wekhaya, abe nabantwana bese ephinda esebenza.