Jump to content

Ukubaluleka kwezinsiza zokufundisa

Mayelana Wikipedia
Imfundo

Izinsiza zokufundisa zidlala indima enkulu ekufundeni nasekufundiseni.[1] Uma sikhuluma ngezinsiza zokufundisa sikhuluma ngezincwadi, amabhodi, izipensela, izithombe, amakhadi, amashadi namanye amathuluzi asetshenziswa othisha uma befundisa ekilasini ukuze abafundi baqonde. Izinsiza zokufundisa zenza ukuba ukufunda kubelula futhi nabafundi bakuthokozele. [2] Ukusebezinsa izinsiza zokufundisa kubalulekile ngoba kuhlanganisa bonke abafundi ngokwamazinga abo okuhlakanipha. Abafundi abafani kodwa uma usebenzisa izinsiza zokufundisa uyakwazi ukubona la umfundi ngamunye adinga khona usizo, usebenzisa izindlela ezahlukene zokufundisa ukuze bonke abafundi baqonde. Izinsiza zokufundisa ziyasiza ngoba abafundi bayakwazi ukuthinta, babone, baphinde bazwe, lokhu kwenza ukuba kubelula ukuhlanganisa ulwazi abanalo nabaluthola kuthisha ekilasini.[3]

Ukwenza ukufunda kubelula

[hlela | Hlela umthombo]

Izinsiza zokufundisa zenza ukufunda kubelula ngoba abanye abafundi kubanzima ukuba baqonde uma belalela uthisha echaza, abanye kufuna engathi bangayibona into uthisha akhuluma ngayo noma bayifunde into uthisha akhuluma ngayo. Isb. uma uthisha esebenzisa iprojecta ukudlala ividiyo kubalula kwabanye abafundi ngoba bayazibonela futhi bayazizwela lokhu uthisha akhuluma ngakho. Abafundi bayakwazi futhi ukusebenzisa ezabo izinsiza uma uthisha ebhala amanothi ebhodini nabo bayakwazi ukuthi bazibhalele ezincwadini zabo.[4]

Ukuzibandakanya kwabafundi

[hlela | Hlela umthombo]

Abafundi uma kunezinsiza zokufundisa bayakuthokozela ukufunda. Uma kusetshenziswa izinsiza ezifana namavidiyo, izithombe, kanye nemidlalo yokufunda abafundi bayajabula baphinde bazibandakaye nokufunda.

Ukuhlanganisa izindlela zokufundisa

[hlela | Hlela umthombo]

Abafundi banezindlela ezahlukene zofukunda. Abanye bafunda ngokubona, abanye bafunda ngokuzwa, kanti abanye bafunda ngokwenza.[5] Izinsiza zokufundisa zinikeza abafundi ithuba lokuba bathole indlela bona abakwazi ukufunda ngayo. Abafundi abafunda ngokubona bona bakuthola kuncono ukufunda bebona amashadi, izithombe, amagrafu, kanye namavidiyo. Abafundi abafunda ngokuzwa bona bayakwazi ukulalela noma bengaboni, uthisha engafunda incwadi umfundi yena engenayo kodwa lowomfundi uzokwazi ukulalela enze nokulindelekile.[6]

Uhlu lwezincwadi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://wol.jw.org/zu/wol/d/r28/lp-zu/1102001118
  2. https://gaapp.org/zu/tools
  3. https://ahaslides.com/zu/blog/best-digital-classroom-tools/
  4. https://ahaslides.com/zu/blog/best-digital-classroom-tools/
  5. https://ahaslides.com/zu/blog/types-of-learning-styles/
  6. https://ahaslides.com/zu/blog/types-of-learning-styles/