Ukubola ngokuyonza
Ukubola ngokuyonza (okwaziwa nangokuthi ukubola kwenuzi, ukuyonzeka) kuyinqubo lapho inuzi lechwe elingazinzile lilahlekelwa isidlakalasi ngemisebe. Izithako eziqukethe amanuzi wezichwe angazinzile kuthiwa zinokuyonzeka noma ziyayonza. Izinhlobo zokubola ngokuyonza ezivame kakhulu zintathu: ukubola kwesigaba sokuqala (okwenzeka ngemiyonzi yenzubawonga), ukubolo kwesigaba sesibili (okwenzeka ngomphoqingqangi ontenge), kanye nokubola ngokomsebentathu.
Ukubola ngokuyonza kuzenzakalela ngokungahleliwe ezingeni lechwe elilodwa. Ngokusho komchachiso wokuguxazela kohoyana, akukhonakali ukubikezela ukuthi ichwe elithile lizobola nini, kungakhathaliseki ukuthi lelochwe lisibe likhona isikhathi esingakanani. Kodwa-ke, ngenani elikhulu lamachwe afanayo, izinga lokubola lingachazwa njengomngakonani ongaguqukiyo wokubola noma ukubakhona okuyisigamu. Ubude besikhathi kokubakhona ngokwesigamu kwamachwe ayongazayo obenzeka kuwona buyahluka kakhulu ngaphakathi kwamachwe ayongazayo ahlukene: kusukela cishe kwenzeke manje, kufika esikhathini eside ukudlula ubudala bomkhathilibe.
Inuzi ebolayo (ebizwa inuzi engumzali) izala okungenani inuzi yendodakaza eyodwa. Ukubola kwesigaba sokuqala kukhipha inhlayiyana eyodwa yezinelesi noma izintunge ezimbili ezibambene ngci ezizala inuzi eyindodakazi enenani yezinelesi noma izintunge engafani nenani yalezinhlayiyana ezazikhona kwinuzi yomzali. Ukulahlekelwa inelesi (nakuba iyodwa) kuzala ichwe eliyinhlwa yevanga elihlukile kuleyo yechwe yomzali.
Kunezinhlwa zevanga ezingama-28 ezikhona ngokwemvelo eMhlabeni eziyonza imisebe. Kuzo lezinhlwa zevanga, eziyisikhombisa zinezinhlobo zamanuzi ayonzayo amabili. Lokho kuchaza ukuthi kunezinhlobo zamanuzi ayonzayo angama-35 eMhlabeni avele ngaphambi kokubunjwa koZungezohlelo lweLanga.