Jump to content

Ukubulawa kwabantu besimame kanye nezingane e Ningizimu Africa

Kubuya ku Wikipedia

Ukubulawa kwabantu besifazane nabantwana e Ningizimu Africa sekwaba inhlalayenza, abantwana abasaphephile ngisho emakhaya uma bengaphephile emakhaya bazophepha kuphi? Abanu abasazi nokuthi babalekele kuphi ngoba ngisho namaphoyisa okumele avikele isizwe ahudula izinyawo.Iqembu lepolitiki Democratic Alliance (DA) yakhipha izibalo ezesabekayo kusukela ngo Julayi kuya ku Septhemba ngezinga lokukhuphuka kobugebengu labantwana nabesimame abahlaselwa besemakhaya. Ezinyangeni ezintathu:

  • abantwana abayi 135 babulawa,
  • abantwana abawu 490 nabayi 11944 babulawa ngendlela yokukhishwa izicubu zomzimba
  • abangu- 957 babulawa kodwa abayi 106 babulawa ngabantu abahlekisana nabo. Amacala angu 10 191 abikwa kwaku awokundlwengula enza amaphesenti ayi- 43% (702) babeyizisulu sokuhlukunyezwa ngabantu abahlekisana nabo labantu besifazane, babulawa ngabantu besilisa abathandana noma abashade nabo ngoba befuna kuthi babathobele benganqabi ukwenza nabo ucansi. Amacala angu-106 okudlwengungulwa enzeka ezindaweni zokufundela kanye nasezinkulisa abangu-90 abafundi basezikoleni kanye nabangu-6 abafundi basenyuvesi.

Ngesikhathi abantu base Ningizimu Africa behlukumezeka ngenxa yodlame kumele sikhumbule ukuthi izingane nabantu besifazane badinga ukuvikelwa ngaso sonke isikhathi kakhulukazi ezindaweni zokufundela nasemakhaya. UHulumeni kanye nabantu besizwe kufanele bavikele abantu besifazane nezingane ngaso sonke ngoba izingane ziyikusasa lesizwe nabantu besifazane bayizimbali zezwe lakithi. Asibuyise ubuntu eNingizimu Africa.