Ukucebezisana
Appearance


Ukucebezisana yinkulumongxoxo ephakathi kwezinhlangothi ezimbili noma ngaphezulu ukuze kuxazululwe ukungezwani, kube nomenzelelo kumuntu ngamunye noma ibandla, noma kusongozwe iziphumo ezizokwanelisa izimfuno ezihlukahlukene. Izinhlangothi zifisa ukuvumelana ngezindaba ezinentshisekelo kuzo zombili . [1] Isivumelwano singaba yinzuzo kubo bonke noma kwabanye abathintekayo. Abacebezisi kufanele basungule izidingo zabo kanye nezimfuno kuyilapho befuna ukuqonda izidingo nezimfuno zabanye ababandakanyekayo ukuze bandise amathuba wokufeza izinkozo (deals), ukugwema izingxabano, ukwakha ubudlelwano namanye amaqembu, noma ukukhulisa izinzuzo ezifanayo. [1]